
Izicishamlilo zoMkhandlu weTheku ziphendule ucingo oluphuthumayo ngo-02h23, zibizelwa emlilweni oqubuke endaweni yokuhlala eyakhiwe ngokungahlelekile iForman Road Extension, kuWadi 25.
SHEILA MHLONGO
Izicishamlilo zoMkhandlu weTheku ziphendule ucingo oluphuthumayo ngo-02h23, zibizelwa emlilweni oqubuke endaweni yokuhlala eyakhiwe ngokungahlelekile iForman Road Extension, kuWadi 25.
Ngesikhathi zifika, umlilo ubusubhebhetheke ngokushesha. Ukungabikho kwemigwaqo efanele kanye nomzila owehlelayo kwenze kwaba nzima ukufinyelela kule ndawo. Izicishamlilo ziqale ngokushesha umsebenzi wokunqanda umlilo ukuba ungadluleli kwezinye izakhiwo nasezingxenyeni ezingomakhelwane.
Amaqembu ezicishamlilo asebenze kwaze kwaba sekuseni ngaphansi kwezimo ezinzima, agcina ekwazile ukuwulawula umlilo.
Ngokokuhlola kokuqala, izakhiwo ezingu-74 zishe zangqongqa, kwathi izakhamuzi ezingaphezu kuka-140 zasala dengwane. Izakhamuzi ezimbili zilimele futhi zithola ukwelashwa esibhedlela esiseduze. Akukabikwa muntu oshonile noma olahlekile.
Ithimba loMkhandlu elibhekele izinhlekelele lisendaweni, linikeza imindeni ethintekile usizo oluphuthumayo. Imbangela yomlilo ayikaziwa; uphenyo lokuthola ukuthi uqale kanjani luyaqhubeka.
UMkhandlu unxuse izakhamuzi ukuba ziqaphele futhi zilandele izindlela zokuphepha emlilweni ukuze zivikele izimpilo nempahla yazo.
Uma kunesimo esiphuthumayo, izakhamuzi zingashayela isikhungo sezingcingo eziphuthumayo soMkhandlu ku-031 361 0000.
Umthombo: Uphiko lweZokumaketha nokuXhumana loMkhandlu weTheku.
Top of Form
Bottom of Form

