UMBONO KA SAMKE MKHIZE E-ALBERT PARK NGABANTU ABAKHUBAZEKILE UKUTHI BAZIZWA KANJANI

Umbono wami ngabantu abakhubazekile ukuthi bazizwa bephephile uma kuphephile lapho abakhona, kanti futhi babuye bazizwe bengaphephile ikakhulukazi uma kunemibhikisho bona bengabe besaba nayo intuba yokudlula ikakhulukazi uma behamba ngesihlalo esinamasondo ”wheelchair”.

Bazizwa benokulimala emiphefumulweni usuku nosuku  kubancgono umangabe besendlini Kuyenzeka bagibele ebhasini ebese ehla amane umshayeli ambuze ukuthi uzoqhutshwa ubani okungezinye zezindlela zokukhuluma nabo ezibashiya bephatheke kabi kakhulu, futhi bezizwa bengathathwa njenga bantu abafana nawo wonke umuntu ophilayo emhlabeni nozizwa amkelekile kuwona wonke umphakathi aphila nawo.