Vikela isithunzi somndeni wakho

Sanibona bantu bakithi, nawo amazwi amafishane anokuhlakanipha, vikela isithunzi somndeni wakho. Indlela ophila ngayo nezinto ozenzayo zinamandla okuphakamisa isithunzi somndeni wakho kanti futhi zinamandla okusilahla phansi ululazeke umndeni wakho.  Awukho umndeni oqala manje kodwa sonke siqhubekisa impilo esuka emuva kokhokho bethu okungenzeka esibongweni sakini nasemndenini wakho babengabantu abahloniphekile leyonto inqanyulwe nguwena kuqhubeke amahlazo. Uma umndeni usuwaziwa ngamahlazo kubanzima nakwizizukulwane ezilandelayo ukuthi ziphile kahle ngoba ziyokwahlulelwa ngomlando wakubo nazo zigcine zizibona zingafanelwe ukuphila kahle zilandele lowomzila. Qaphela ungasilahli phansi isithunzi somndeni.

Obhalayo uKatlego Nare

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *