THOBILE MBATHA
Imboni yamatekisi isithathe isinqumo sokuthi ifake amakhamera ematekisini njengoba zanda izigameko zokunukubezeka kwabagibeli ikakhulukazi abesifazane, amatekisi ahambela edolobheni iTheku ophikweni laseSouth Beach abalelwa ku-70 amatekisi asefakiwe amakhamera ukuze kuqhutshwe uhlelo lokuphepha kwabagibeli nabashayeli.
Ngokwesitatimende esakhishwa uSoseshini sithi “inhlangano ithathe leligxadi lokufaka lobuchwepheshwe bamakhamera ngemumva kokuthola izikhalazo kubagibeli zokuthi bazizwa bengaphephile uma besebenzisa amatekisi ikakhulukazi uma ungumgibeli wesimame uzophinda wehle ngakugcina etekisini njengoba ziya ngokwanda izehlo zokunukubezeka embonini, njengo Soseshini sizithathele phezulu izikhalazo zabagibeli sakwazi ukufaka izimoto ezingu-70 amakhamera kanti asimile sizofaka kancane kancane inhloso bekungukuthi kushaye amaholidi kakhisimusi wonke amatekisi esefakiwe amakhamera”
USiyanda Ntenga ekhulumela imboni yamatekisi mayelana nezokuphepha uthe “amakhamera aqopha ngaphakathi nangaphandle kwetekisi kanti aphinde avumele abanikazi bamatekisi noma abaphathi ukuthi baqaphe ngaso sonke isikhathi uhlelo lokusebenza nokuthi kwenzakalani etekisini ngesikhathi umshayeli elayishe abagibeli futhi abanikazi bamatekisi bengakwazi nokumisa amatekisi abo nomabekude uma bebona kukhona okungahambikahle” Kusho uNtenga