UNgqongqoshe wezeziMali umemezele ukwehliswa kwentela kapheziloli nodizili ukuze kulekelelwe abathengi

ESITHOMBENI; Kungesikhathi uNgqongqoshe wezeziMali kuleli ethula Isabelomali samaphakathi nonyaka ePhalamende

SHEILA MHLONGO

Abashayeli bezimoto, amabhizinisi kanye nemindeni yaseNingizimu Afrika bazothola ukukhululeka ezindlekweni zikaphethiloli nodizili, kulandela isimemezelo sikaNgqongqoshe wezeziMali, u-Enoch Godongwana, sokwehliswa kwesilinganiso sentela ejwayelekile kaphethiloli nodizili.

UNgqongqoshe wenze lesi simemezelo ngesikhathi ethula iSitatimende Senqubomgomo Yesabelomali Sesikhathi Esimaphakathi (MTBPS) ePhalamende ngoLwesithathu.

Ukwenyuka kwamanani kaphethiloli nodizili sekufake ingcindezi enkulu emindenini nasemabhizinisini, njengoba amanani efike emazingeni aphezulu kakhulu ngenxa yokwenyuka kwentengo kawoyela ongahluziwe iBrent Crude Oil, okubangelwe ukungqubuzana okuqhubekayo eMpumalanga Ephakathi.

UZOKWEHLA NGAMALINI UPHETHILOLI NODIZILI?

UNgqongqoshe uGodongwana uthe uhulumeni uthathe isinqumo sokwehlisa intela kaphethiloli nodizili okwesikhashana ukuze anciphise umthwalo wezindleko zokuphila kubantu baseNingizimu Afrika.

Kusukela mhla ka-4 Novemba kuya ku-1 Disemba 2026:

  • Udizili: Intela izokwehliswa ngo-R3 ilitha.
  • Uphethiloli: Intela izokwehliswa ngo-R1.50 ilitha.

Kusukela mhla ka-2 Disemba 2026 kuya ku-5 Januwari 2027:

  • Udizili: Intela izokwehliswa ngo-R1.50 ilitha.
  • Uphethiloli: Intela izokwehliswa ngo-R1 ilitha.

Lokhu kusho ukuthi uhulumeni uzoqhubeka nokuhlinzeka ngosizo lokunciphisa intela kaphethiloli nodizili, nakuba inani losizo lizokwehla esigabeni sesibili.

UHULUMENI UZODELA IMALI ENGU-R10 BILLION

Ngokusho kukaGodongwana, lolu hlelo kulindeleke ukuthi lusize imindeni namabhizinisi ngenani elilinganiselwa ku-R10 billion.

Nokho, lokhu kuzophinde kusho ukuthi uhulumeni uzolahlekelwa yimali yentela elinganiselwa ku-R10 billion abengayiqoqa.

UNgqongqoshe uchaze ukuthi imali ezosetshenziswa ukuxhasa lolu hlelo izovela emalini eyengeziwe eyaqoqwa ngonyaka wezimali ka-2025/2026.

Imali engu-R10 billion eyayidluliselwe kwiCentral Energy Fund (CEF) izobuyiselwa esiKhwameni Sikazwelonke Sezimali (National Revenue Fund) ukuze ixhase lolu hlelo lokwehliswa kwentela kaphethiloli nodizili.

UGodongwana uthe lolu hlelo luzosiza ekunciphiseni ingcindezi yezindleko zokuphila ngaphandle kokuphazamisa ukusimama kwesabelomali sikahulumeni.

AMANANI KAPHEZILOLI ASEFIKILE EZINGENI ELIPHEZULU

Ngokombiko, intengo kaphethiloli wohlobo lwe-95 njengamanje imi kanje:

  • Ezindaweni ezimaphakathi nezwe: R30.25 ilitha.
  • Ezindaweni ezisogwini: R29.38 ilitha.

Ukwehliswa kwentela kulindeleke ukuthi kunikeze abashayeli bezimoto, abanikazi bamabhizinisi kanye nemindeni ithuba lokuphefumula, njengoba abaningi bebhekene nokwenyuka kwezindleko zokudla, ezokuthutha kanye nezinye izidingo zansuku zonke.

Nokho, kubalulekile ukuqonda ukuthi ukwehliswa kwentela akusho ukuthi intengo kaphethiloli nodizili izokwehla ngaso leso samba, ngoba amanani asemapompini aphinde athonywe ezinye izici, okubalwa intengo kawoyela emhlabeni kanye nezinga lokushintshisana kwerandi nezinye izimali.

Umthombo: SAnews.gov.za – 21 Okthoba 2026

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *