UHulumeni wakwaZulu-Natali uphezu kocwaningo lokubheka amakhono abasebenzi bakhe

THOBILE MBATHA

UHulumeni wakwaZulu-Natali uphezu kocwaningo lokubheka abasebenzi bakhe. Isigungu esiphezulu sesiFundazwe sakwaZulu-Natali sesinqume ukwenza ucwaningo lwamakhono kuHulumeni ukuze kuqinisekiswe ukuthi abasebenzi bakaHulumeni baletha izidingo zomphakathi ezisezingeni eliphezulu lokhu kuvezwe esitatimendeni esithunyelwe.

UNdunankulu uNomusa Dube-Ncube ethula inkulumo yakhe eNgqungqutheleni kaHulumeni yokubuyekeza iCapacity and Performance Review ebiseThekwini, uthe ucwaningo lwamakhono selenziwe ezikhulwini zikaMasipal kantiu ukucwaningwa kwamakhono eminyangweni kaHulumeni kuzophothulwa ngo-2023.

“Abasebenzi bakaHulumeni ngeke bakwazi ukuletha izidingo zomphakathi ezisezingeni eliphezulu uma abasebenzibengenawo amakhono. Ucwaningomabhuku lwamakhono luzosisiza ukuthi sithole ukuthi uHulumeni wesiFundazwe sakwaZulu-Natali unawo yini amakhono adingekayo ukuze alethe izinsiza kubantu bakithi.Lomsebenzi uyasisiza ukuthi sazi amakhono atholakalayo kany enamakhono adingekayo.” Kusho uNdunankulu.

Ukucwaningwa kwamakhono ezikhulwini zikaMasipala kuveze izidingo zokuqeqeshwa kubaphathi abaphezulu, ukuphathwa kwezimali, amandla namaqhinga nobuholi, ukulawulwa kobungozi, ukulawulwa koshintsho ,ukuthuthukiswa kwenqubomgomo kanye nokuhlola.

“IsiFundazwe sethu sesenze i-Framework for Mentorship and Caoch ezobhekana nemiphumela yocwaningomabhuku lwamakhono. Amakhansela ahlonyiswe ngolwazi mayelana nezingqinamba zeModeli yeNtuthuko yesiFunda ngohlelo oludidiyelwe lokungeniswa kwamaKhansela nemihlangano yokufundisana egxile emikhakheni yamaKhansela.

“Kudingeka siben eqembu elihle lokusebenzela umphakathi nakweminye iminotho esezingeni lomhlaba eliziqhenyayo ngokusebenzela uMbuso. UHulumeni osebenzayo futhi odidiyelwe udinga uphiko lwenkonzo yomphakathi olusezingeni eliphezulu, oluhloniphekile noluzikhandlayo ngokusebenzela izakhamizi futhi elikwaziyo ukudlala indima yentuthuko nezinguquko kuhHulumeni.” Kuchaza uNdunankulu.

Uphinde wathi isiFundazwe sibhekene nenkohlakalo ngohlelo lwe-Provincial Anti-Courruption Implementation plan. Ngaphezu kwalokho iHhovisi likaNdunankulu kanyenoMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), uphiko olukhethekile lophenyo,oklebe kanye  neNational Prosecuting Authority basebenzisana njengesigcawu ekuqhubekiseni imikhankaso nokuqwashisa ngenkohlakalo nokuziphatha. Lengqngquthela isingathwe uMnyango wezemisbenzi kaHulumeni nezokuphatha (DPSA), ngokubambisana neNyuvesi yakwaZulu-Natal, ikhomishini kaZwelonke yokuhlela neHhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natali.