IPhini likaMeya uZandile Myeni linxuse ubumbano ngokumelana nokwanda kwamacala e-GBV kulo nyaka kanti imali eqoqiwe njengoba bekune mali eyokungena lomjaho ihlukaniswe izigaba ezimbili. Yokuqala isekele i-Gugu Dlamini Foundation kanye ne-Spear of the Nation Foundation.
Lomjaho obuhanjelwe imindeni, abadlali ngokudlukana kwabo kanye namalungu omphakathi ekubambeni iqhaza ngokuzogijima kwi-Walk For Them Charity Fun Run endaweni yaseSuncoast Casino ngomhlaka-29 Novemba 2025 lapho bekugijinywa amabanga angu-4km kanye nangu-8km yayizinikele ekukhuliseni ulwazi kanye nobumbano ekulweni nodlame olusekelwe kubulili (GBV).
Lomcimbi obuhlelwe yi-Transnet Port Terminals (TPT) ngokubambisana, aQuellé, Sun Coast Casino kanye ne-KZN Athletics futhi usekelwa yi-MSC kanye ne Highway Radio yokuba ingxenye yomkhankaso kazwelonke wezinsuku ezingu-16 wokulwa nodlame nokuhlukumezeka kwabesifazane kanye nabantwana. (Activism for No Violence Against Women and Children) . IPhini LikaMeya kaMasipala waseThekwini, uKhansela uZandile Myeni, ube khona ukuba inxenye yomcimbi futhi wethule umyalezo onamandla obiza ubumbano ngokumelene namacala akhulayo e-GBV esifundazwen, egcizelela ukuthi uhulumeni, imiphakathi, kanye nababambiqhaza kumele basebenzisane ukuze baguqule lo mkhuba othusayo.
Isikhulu Esiphezulu se-TPT, uMnu. Jabu Mdaki, uncome inani elikhulu labantu ababekhona futhi wakhuthaza imiphakathi ukuthi iqhubeke nokubhekana ne-GBV, ephawula ukuthi isinyathelo ngasinye esithathwe kulo mjaho wokuzijabulisa sibonisa ithemba, ukumelana kanye nesicelo sesenzo athemba ukuthi sizofinyelela emakhaya nasemiphakathini kulo lonke elaKwaZulu-Natal. Abahlanganyeli bahambe nezingqwembe eziphethe imiyalezo efana nokuthi “Not In My Name,” “Stop the Silence,” kanye nokuthi “Protect Our Children,” kuyilapho izisebenzi zokuzithandela kanye nabaphathi beqinisekisa ukuphepha endleleni.
Umcimbi walo nyaka usekele abazuzi ababili ababalulekile, iGugu Dlamini Foundation, enikeza ukumela, ukwesekwa kwabasindile, ukwelulekwa kanye nokufinyelela emphakathini kwabesifazane nezingane abathintekile ubudlova kanye nokucwaswa, abesibili abahlomulile ngoxhaso iSpear of the Nation Foundation, egxile ekunikeni amandla abafana nabesilisa ukuba bathathe ukuziphatha okunesibopho, okunenhlonipho okuvimbela ubudlova.
Umsebenzi wabo ohlangene uyaqhubeka nokuguqula imiphakathi nokwakha izindawo eziphephile. Uhambo Lokuzijabulisa Lwabo Lwe-Walk For Them luphethe ngokuthi abahlanganyeli basayine udonga lwesifungo se-GBV, beshiya izibopho bengabantu siqu sabo bezokukhuluma, ukungenelela, nokusekela abasindile, begcizelela ukuthi abantu baseThekwini bayenqaba ukuthula futhi bahlale bezimisele ukulwa ne-GBV nokwakha indawo ephephile,

