ZAMA MAJOLA
I-African National Congress (ANC) Women’s League isinxuse uMengameli Cyril Ramaphosa ukuthi amemezele udlame olusekelwe ngobulili kanye nokubulawa kwabesifazane njengenhlekelele ezweni lonke. Leli qembu belikhuluma nabezindaba ngasohlangothini lomhlangano wezinsuku ezintathu weKomidi eliPhezulu le-ANC eGermiston Council Chamber empumalanga yeGoli.
Uphiko lwabesifazane be-ANC lubambe isithangami sabezindaba lwamukela isimemezelo soBudlova Obusekelwe Ngokobulili kanye Nokubulawa Kwabesifazane njengeSimo Sikazwelonke Senhlekelele, isinyathelo osekunesikhathi eside sibhekene nenkinga esintshontshe izimpilo nesithunzi sabesifazane nezingane. Ifunge yagomela le nhlangano ukuthi izohola imashi ezoqhakambisa usizi lwabesifazane eNingizimu Afrika ezandleni zabesilisa. UNobhala Jikelele we-ANC Women’s League, uNokuthula Nqaba, uthe izinto kumele zishintshe noma bazophoqeleka ukuthi bagcwale imigwaqo ngobuningi babo.

