Esithombeni: iMeya yeTheku ukhansela Cyril Xaba ehambisana ehambisana noSihlalo weKomidi lezoBuholi neZabasebenzi, uKhansela uNkosenhle Madlala nethimba lakhe ngenkathi kade evakashele i-Ukusa Senior Secondary School eMpumalanga Township, eHammarsdale
Njengengxenye yoHlelo Lokusebenza Kwezikole loMasipala waseThekwini, iMeya uKhansela uCyril Xaba, ehambisana noSihlalo weKomidi lezoBuholi neZabasebenzi, uKhansela uNkosenhle Madlala, uvakashele i-Ukusa Senior Secondary School eMpumalanga Township, eHammarsdale, entshonalanga yeTheku.
Lesi sikole sithole izinga lokuphumelela elihle kakhulu elingu-88.8% kuMatikuletsheni ngonyaka ka-2025.
Ngaphezu kokuhlola ukusebenza kwezikole ngosuku lokuqala lwekhalenda yonyaka wesikole, lolu hlelo luphinde lubheke nenani labafundi abaswele abadinga imifaniswano yesikole nezinsiza zokubhala.
Ekhuluma nabafundi kulesi sikole, uMeya uXaba ubaxwayisile ngezinkinga zomphakathi ezifana nokukhulelwa kwabantu abasebancane, ukusetshenziswa kabi kwezidakamizwa nobugebengu, okuvamise ukubangela ukuthi abafundi bayeke isikole.
Abaphathi besikole kanye nabafundi bazibophezele ekuzameni ukuthola izinga lokuphumelela elingu-100% kulo nyaka.
UMeya uzobuya esikoleni ngesonto elizayo ukuzonikeza abafundi abahlonzwe njengabaswele imifaniswano yesikole nezinsiza zokubhala.

