Idolobha laseThekwini lingene kunyaka omusha ngombukiso we-Carnival parade

ITHATHELI YE-KZN NAMUHLA

IDolobha laseThekwini  lizigqaja  ngokusingatha ngempumelelo umbuthano omkhulu weCarnival wokugubha uNyaka obuqhubeka ngomhlakai-02 Januwari, kuDr Pixley ka Seme, eqophe ukufika konyaka ka-2026 ngemikhosi ekhanyayo, umculo nokugujwa kwamasiko.

Unyaka omusha wamukelwe ngemikhosi egqamile enemibala ehlukahlukene, amasiko kanye nemidlalo eminingi yomculo ngesikhathi sombukiso omkhulu weCarnival, obambe umoya wedolobha futhi waveza amandla alo, ubuciko nobubele balo.

Umkhosi womgqigqo weCarnival ube nenqwaba yezinto ezikhangayo okubalwa kuzo imifanekiso yase-uShaka Marine, abadansi besiZulu, amabhendi ahamba emigwaqweni, ama-segway, abagibeli bamabhayisikili, abadansi baseNdiya, oMama Besigege, abadansi bePantsula, abadonsi bamaRicksha, ibhasi lamaRickshaw, izithuthuthu namahhashi eMetro Police – konke kugcwele injabulo yangempela yesitayela saseDurban.

Inqwaba yezakhamuzi nezivakashi zimele imigwaqo zibuka lo mkhosi onemibala eminingi, oveze ngokusobala ukuhlukahluka kwamasiko acebile edolobha.

Umoya ubushisa ngenjabulo njengoba imindeni, izivakashi kanye nemiphakathi yabe ihlangene ngomoya wobunye nenjabulo.

IMeya uCyril Xaba ithe lo mbuthano awugcinanga nje ngokugqamisa isithunzi seTheku njengendawo ebalulekile yamasiko nezokuzijabulisa, kodwa uphinde waqinisa ukuzibophezela kwedolobha ekuhleleni imicimbi ebandakanya wonke umuntu, ehlanganisa abantu.

IMeya uXaba iphinde yathi lo mbuthano uzoba umcimbi waminyaka yonke, ohlose ukuheha izivakashi nezokuvakasha eDolobheni.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *