UPat Nkonyeni ubonga inhlangano UKUMISA ngokuxazulula izinkinga zebhizinisi  lomculo wakhe

Esithobeni: Kwesokunxele uMnu T Nyameni wenhlangano I-KUMISA, kube umculi weGospel uPat Nkonyeni kanye no Nksz Thoko Mhlongo

Lomculi weGospel uphinde wabonga kakhulu iKZN Namuhla Newspaper ngokumxhumanisa nenhlangano iKUMISA okuyiyona esimsize kakhulu ekuxazululeni izinkinga zebhizinisi lakhe lomculo okudalwa ukungabi nalwazi nezinto zeTechnology, kodwa uthi ukuhlangana neKUMISA kumvule umqondo ngama- workshop aqeaesha abaculi ngebhizinsi lomculo  (Music Business).

UPat Nkonyeni weluleka abaculi ukuthi kunga kuhle ukuthi baxhumane neKUMISA ngoba iyakusiza ngokukufakela umculo wakho kwiSamro, Risa, Capasso, kanye ne- Sampra. Konke lokhu ikwenza mahhala awukhokhiswa mali. Okunye uPat uthi kubalulekile ukuthi umculi ahlale ewubheka umsebenzi wakhe.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *