UMasipala waseThekwini uthole umphumela ongcono we-audit ngonyaka wezimali ka-2024/25. Lokhu kukhombisa intuthuko ekuphathweni kwezimali, ekubikeni ukusebenza, nasekuphathekeni kahle kukahulumeni wasekhaya.
UMcwaningi-Jikelele waseNingizimu Afrika (Auditor-General) unike uMasipala umbiko we-audit ongenasiphako (unqualified audit opinion). Lokhu kusho ukuthi izitatimende zezimali zibonisa kahle isimo sezimali sikaMasipala ngokuhambisana nemithetho yokubalwa kwezimali.
Okubalulekile ukuthi uMcwaningi-Jikelele uphinde waqinisekisa ukuthi azikho iziphambeko ezinkulu ezitholakele ezitatimendeni zezimali. Lokhu kuwumgomo obalulekile ekuthuthukiseni ukulawulwa kwezimali nokwethembeka kwemibiko.
Okugqamile embikweni we-audit kufaka phakathi:
- Umbiko we-audit ongenasiphako futhi ongenazo iziphambeko ezinkulu
- Ukuthuthuka ekubikeni ukusebenza, lapho imiphumela ebikiwe ihambisana kahle nobufakazi obusekelayo
- Ukulungiswa kwezinkinga zokungahambisani nemithetho ezazikhona ngonyaka owedlule, ikakhulukazi ekuhleleni nasekulawuleni ukusebenza
UMcwaningi-Jikelele uphinde waqaphela ukuthi umbiko wokusebenza wonyaka uthuthuke unyaka nonyaka, njengoba izinkomba eziningi sezibhekwa njengezithembele futhi eziwusizo, ngemva kokulungiswa kwe-audit.
Noma lo mphumela ongcono ukhuthaza, uMasipala uyavuma ukuthi kusekhona izinselelo ezidinga ukunakwa.
Izindawo ezidinga ukunakwa kakhulu zifaka phakathi:
- Ukuphathwa kokuthengwa kwezimpahla nezinkontileka
- Ukuphathwa kwezimpahla nengqalasizinda
- Ukujeziswa okufanele kwezindleko ezingalungile, ezichithakele noma ezimoshayo
- Ukuvuselelwa kobuchwepheshe be-ICT nokuhlanganiswa kwezinhlelo
- Ukuphathwa kwamaphrojekthi
- Izinkinga ezinkulu (Material Irregularities)
UMasipala uzibophezele ekusheshiseni izinyathelo zokulungisa ngokwandisa ukwengamela, ukuqinisa izijeziso, nokwenza izinguquko ezigxile ekulethweni kwengqalasizinda, ekwenzeni kahle amaphrojekthi nasezinhlelweni zobuchwepheshe.
Isimo Sezimali Nokuqhubeka Kwesikhathi Eside
UMasipala waseThekwini urekhode insalela (surplus) ngonyaka wezimali ka-2024/25, okusho ukuthi imali engenile idlule ezindlekweni. Lokhu kukhombisa isimo sezimali esizinzile.
Yize uMcwaningi-Jikelele ephawule ngezinkinga eziqhubekayo ezifana nokuqoqwa kwezikweletu nokukhokha ababolekisi ngesikhathi, uMasipala ubeke phambili izinyathelo zokuqinisa ukugeleza kwemali, ukuthuthukisa ukuqoqwa kwemali, ukuphathwa kwemali engenayo, nokunciphisa isikhathi sokukhokha.
Lezi zinyathelo zihloselwe ukuvikela ukuzinza kwezimali kwesikhathi eside, kanti ngesikhathi esifanayo kuqinisekiswe ukulethwa kwezinsiza ezibalulekile emphakathini.
Ukuzibophezela Kobuholi
Ubuholi bukaMasipala buqinisekise ukuzibophezela kulokhu okulandelayo:
- Ukwenza izinhlelo zokulungisa eziphuma ku-audit ngesikhathi esibekiwe
- Ukuqinisa izinhlelo zokulawula ngaphakathi nokuphatha kahle
- Ukuthuthukisa izinga lokulethwa kwezinsiza
- Ukubhekana ngokuqinile nezinkinga ezinkulu
- Ukuqinisekisa ukuthi izijeziso ziyasebenza
- Ukubuyisela ukwethenjwa komphakathi ngokusobala nangokubika ngokwethembeka
Lo mphumela ongcono we-audit ukhombisa ukuthi ubuholi obugxilile, ukwengamela okuqinile, nokuphathwa kwezimali ngokuzikhandla kungaletha imiphumela ebonakalayo.
Yize kusenezinkinga, uMasipala uzimisele ukuqhubeka nokugcina le ntuthuko nokubhekana nabo bonke ubuthakathaka obukhonjwe uMcwaningi-Jikelele.
UMasipala uzoqhubeka nokusebenza eduze noMkhandlu, amakomiti okwengamela, noMcwaningi-Jikelele ukuqinisekisa ukuthuthuka okuqhubekayo emiphumeleni ye-audit kanye nokulethwa kwezinsiza ezingcono kubantu baseThekwini.

