UMnyango Wezokungcebeleka Nezamapaki kuMasipala waseThekwini umema izikhungo ezingezona ezokwenza inzuzo ezibhalisiwe nezifanele (ama-NPO), izinhlangano ezingezona ezikahulumeni (ama-NGO) kanye nezinkampani ezingezona ezenzuzo (ama-NPC) ezisemikhakheni yezobuciko ezokungcebeleka namasiko ukuba zifake izicelo zesibonelelo se-Grant-In-Aid (GIA) sonyaka wezimali ka-2025/26.
Lolu hlelo lokuxhasa ngemali luhambisana noHlelo Lokuthuthukiswa Oluhlanganisiwe (IDP) lukaMasipala, futhi luhloselwe ukuhlinzeka ngosizo lwezezimali nolwezinto zokusebenza ezinhlanganweni zomphakathi ezikhuthaza izinhlelo zobuciko bokudlala namasiko, ukuthuthukiswa kwabaculi, ubumbano emphakathini kanye namathuba ezomnotho ngaphakathi koMasipala waseThekwini.
“Izindawo ezigxilwe kuzo zihlanganisa umculo, umdanso, ithiyetha (idrama), ihlaya (comedy), izinkondlo kanye nokuthuthukiswa kwamasiko,” kusho uMasipala esitatimendeni.
Abafakizicelo kumele bahlangabezane nezidingo zokuhambisana nemithetho, okuhlanganisa ukuhambisa ifomu lesicelo eligcwalisiwe, isitifiketi esisemthethweni sokuhlanza intela, izitatimende zezimali zakamuva zonyaka, amakhophi aqinisekisiwe amadokhumenti okubhalisa kanye nemibhalo kamazisi yabaqondisi, kanye nephrofayela ephelele yenhlangano kanye nohlelo lwephrojekthi noma lwebhizinisi.
Izinhlangano kumele futhi zinikeze ubufakazi bekheli elibonakalayo, imininingwane ye-akhawunti yasebhange, ubhaliso kudathabheyisi yabahlinzeki bakaMasipala kanye nase-Central Supplier Database, izincwadi ezimbili zokubhekisa zakamuva ezivela emkhakheni wezobuciko, kanye nesifungo (affidavit) esiqinisekisa ukuthi akukho mqondisi oqashwe uMasipala waseThekwini noma omunye umnyango kahulumeni.
Amafomu ezicelo nemibhalo yemihlahlandlela iyatholakala kuwebhusayithi yoMasipala waseThekwini ku-www.durban.gov.za, noma ingatholwa eHhovisi Lezobuciko Namagugu Aphilayo eStable Theatre, ku-115 Johannes Nkosi Street, eGreyville.
Amadokhumenti angacelwa futhi nge-imeyili ku-Ngiphiwe.Ndlovu@durban.gov.za noma ku-Stable.Admin@durban.gov.za.
Izicelo ezigcwalisiwe, kanye nawo wonke amadokhumenti asekelayo, kumele zithunyelwe nge-elekthronikhi ku-Ngiphiwe.Ndlovu@durban.gov.za noma ku-Stable.Admin@durban.gov.za, noma zilethwe ngesandla emahhovisi eStable Theatre ngaphambi kosuku lokuvala zingama-15 kuNhlolanja 2026. – SAnews.gov.za

