


UMasipala weTheku ubuyise isithunzi kubantwana abanhlwempu ngohlelo lwakhe lokubuyela ezikoleni olwaziwa nge-Back To School, ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi baqala unyaka wokufunda benezidingo eziphelele.
Njengengxenye yomkhankaso waminyaka yonke, uMasipala uvakashele isikole i-Ukusa Secondary School eMpumalanga Township, eHammarsdale, lapho kunikelwe khona izidingo zesikole kubafundi.
USihlalo weKomidi Lezokuphatha Nezabasebenzi (Governance and Human Resources Committee), uKhansela uNkosenhle Madlala, kokubuyiseleni isithunzi kubafundi abaswele.
Uhlelo lokuBuyela eSikoleni lwenziwa minyaka yonke ekuqaleni konyaka wesikole ukuze kunikezwe izimpahla zokugqoka zesikole, amaphakethe okubhala kanye namaphakethe esithunzi, ahlanganisa nezinto zokuhlanzeka eziyisisekelo, kubafundi abavela emindenini ehlwempu.
Lolu hlelo luqhutshwa yiHhovisi Lokuthuthukiswa Kwentsha (Youth Development Office) futhi luyingxenye yokuzibophezela okubanzi kuMasipala ekuthuthukiseni imiphumela yemfundo nasekusekeleni imindeni ebhekene nobunzima.
Ekhuluma emcimbini, uKhansela Madlala ugcizelele ukubaluleka kokuqinisekisa ukuthi izidingo eziyisisekelo zabafundi ziyahlangatshezwa.
“Ngokuhlinzeka ngezimpahla zokugqoka zesikole, sisekela ukufunda futhi sibuyisela isithunzi nokuzethemba kwentsha yethu. Lolu hlelo ludlula ukunikeza izinto nje kuphela; siphinde sikhombe nezinselelo zenhlalo ezingaphansi bese sisebenzisana ukuthola izixazululo ezithuthukisa ikhwalithi yemfundo,” kusho uKhansela Madlala.
Umnikelo walonyaka usize abafundi abangama-40, kanti uhlelo luzoqhubeka kwezinye izikole ezikhethiwe kulo lonke elaseThekwini.
Uhlelo lokuBuyela eSikoleni, oseluneminyaka ecishe ibe yishumi seluqala ukusebenza, selusizile abafundi abangaphezu kuka-5 000 ezikoleni ezingaphezu kuka-80 selokhu lwaqalwa.
Umcimbi wanamuhla ubuhanjelwe abamele uMnyango Wezemfundo, izinhlangano zothisha, iBhodi Eliphethe Isikole (School Governing Body), kanye nabaholi bomphakathi.
Umfundi webanga le-12, uSamkelisiwe Bambatha, udlulise ukubonga egameni lesikole.
“Sibonga kakhulu ngezicathulo, amakhalekhuletha, izimpahla zesikole, izikhwama zesikole nezimonyo ezinikelwe. Lokhu kuzosisiza kakhulu ekusekeleni imfundo yethu,” kusho uBambatha.
UMphathi Wesikhashana we-Umhlathuzana Circuit Management Centre, uDkt Khulekani Zulu, uncome uMasipala ngokwesekwa okuqhubekayo.
“Sizophumelela kulo nyaka futhi sithembisa ukuphumelela ngamaphesenti ayi-100 eBachelors pass. Siyabonga futhi ukuzibophezela kweDolobha ekuhlinzekeni ngezindlu zangasese nasekulungiseni izakhiwo zokugezela zesikole,” kusho uDkt Zulu.

