SEBENZISA I-SMARTPHONE UKUQINISEKISA ABASEBENZI BAKWA-STATS SA ABAHAMBELA EMAKHAYA

SHEILA MHLONGO

Umphakathi uyalulekwa ukuthi usebenzise ama-Smartphone awo ukuqinisekisa ubuqiniso bazisebenzi eziqhuba ucwaningo lwe-Statistics South Africa (Stats SA).

Unyaka wonke, i-Stats SA iqhuba izinhlobo ezahlukene zocwaningo okuhlanganisa: i-Quarterly Labour Force Survey (QLFS), i-General Household Survey (GHS), i-Governance, Public Safety and Justice Survey (GPSJS), i-Domestic Tourism Survey kanye ne-Consumer Price Index.

I-Stats SA ixwayise umphakathi ngezinsolo ezingamanga zokuthi kukhona ukuvakashelwa kwezindlu ngomnyango nomnyango ukuze kuqoqwe imininingwane yokuzazisa (ID verification) ezisabalala ezinkundleni zokuxhumana.

“I-Stats SA ifisa ukucacisa  ngokusobala ukuthi  ayihambeli emakhaya ngendlela yokungena umnyango nomnyango ngenhloso yokuqoqwa kwemininingwane ye-biometrics, ukuqinisekiswa kwe-ID noma ukuskenwa kwezigxivizo zeminwe kunoma yiluphi ucwaningo lwayo – kuhlanganise nezibalo zabantu (census). Umphakathi ucelwa ukuba uqaphele kakhulu. Abantu abazenza abamele i-Stats SA futhi abafuna ukungena emakhaya ngenhloso ye-biometrics noma ukuqinisekiswa kwe-ID abasebenzi egameni lenhlangano,” kusho i-Stats SA.

Indlela yokuhlonza abenzi bomsebenzi bangempela bakwa-Stats SA:

  • Bonke abenzi bomsebenzi bathwala amakhadi e-ID asemthethweni anezithombe kanye nezincwadi zokwethula ezisayiniwe.
  • Bagqoka izingubo ezinophawu lwe-Stats SA, okuhlanganisa ama-t-shirt, ama-bib namakepisi.
  • Basebenzisa izimoto ezisemthethweni ezinezimpawu ze-Stats SA.
  • Umphakathi ukhuthazwa ukuthi uqinisekise ubuqiniso bezisebenzi usebenzisa ithuluzi lokuqinisekisa elitholakala kuwebhusayithi ye-Stats SA ethi www.statssa.gov.za, noma ngokuxhumana ne-Call Centre ku-0800 110 248.

Noma yimuphi umsebenzi osolisayo kufanele abikwe esiteshini samaphoyisa esiseduze futhi waziswe i-Stats SA ngezinkundla zayo zokuxhumana noma nge-Call Centre.
— SAnews.gov.za

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *