
SHEILA MHLONGO
UMasipala waseThekwini uthatha izinyathelo ezinkulu zokuhlomisa intsha yendawo ngamakhono asebenzayo angaguqula impilo yayo.
Ngomhlaka 5 kuMashi, intsha engu-100 engasebenzi yaseNtuzuma namaphethelo ibhalisele uhlelo lokuqeqeshwa lwemisebenzi yezandla oluzothatha izinyanga ezintathu oluqhutshwa yi-eThekwini Municipal Academy.
Lolu hlelo lokuqeqeshwa luhlanganisa imikhakha efana nokufakwa kwamapayipi amanzi (plumbing), ugesi, ukwakha izitini (bricklaying) nokufaka amathayela (tiling). Lolu qeqesho luxhumene namaphrojekthi okwakha aqhubekayo njengokwakhiwa kweNtuzuma Mall, iNozaza Node Hub, izinhlelo zezindlu kanye nokunye ukuthuthukiswa komphakathi.
Ababambiqhaza bazothola ulwazi ngokusebenza mathupha kule misebenzi, futhi uma sebeqedile ukuqeqeshwa bazonikwa amathuba okusebenza kuwo lamaphrojekthi, okwenza ukuthuthukiswa kwamakhono kube amathuba omsebenzi nokuzimela kwezamabhizinisi.
Ikhansela leWadi 42, uFisokuhle Mngadi, lincome lolu hlelo.
“Lolu hlelo luqinisekisa ukuthi intsha yethu iyakwazi ukuthola amathuba emisebenzi endaweni yakubo esikhundleni sokuthi kuqashwe abantu abangaphandle. Kuyisinyathelo esibalulekile sokwakha amandla omphakathi nokuwuphakamisa,” kusho uMngadi.
Lolu hlelo luzoqinisa amandla okugcina nokulungisa ingqalasizinda endaweni, lukhuphule ijubane lokulethwa kwezinsiza, futhi luqinisekise ukuthi izinzuzo zomnotho zihlale emphakathini.
Omunye wabahlanganyeli, uNokwanda Mazibuko, ongowesifazane osengene emkhakheni ovamise ukubuswa amadoda wokufaka amathayela, uchaze lolu hlelo njengoluguqula impilo.
“Lolu hlelo lunginika ikhono langempela, ikusasa langempela, kanye nethuba lokuphakamisa umndeni wami nomphakathi wami,” kusho yena.
UMasipala waseThekwini usebenzisana nabathuthukisi bezakhiwo kanye nabanikazi bezitolo ukuze le ntsha eqeqeshiwe ithole amathuba okusebenza emaphrojekthini lapho eseqediwe, kuqinisekiswe ukuthi ukuthuthukiswa kwamakhono kuholela emathubeni aqhubekayo.

