
Izinkulungwane zabagijimi ngesikhathi kuqala iComrades Marathon 2026 ngeSonto lomhlaka 14 Juni isuka eThekwini ikhuphuka ibheke ePietermaritzburg
UMasipala waseThekwini ubungaza enye impelasonto ebe impumelelo futhi ebigcwele imicimbi emibili emikhulu yamazwe ngamazwe, i-99th Comrades Marathon kanye ne-GAS Motorshow International.
Le micimbi ihehe izinkulungwane zezivakashi, ababambiqhaza, ababukisi kanye nabalandeli abavela kuzo zonke izingxenye zaseNingizimu Afrika nasemhlabeni wonke.
Yomibili le micimbi iphinde yaqinisekisa isithunzi seTheku njengendawo ehamba phambili eNingizimu Afrika yokusingatha imicimbi emikhulu, ngenkathi ikhiqiza umsebenzi omkhulu wezomnotho futhi ikhombisa ikhono leDolobha lokusingatha imicimbi yezemidlalo neyempilo esezingeni lomhlaba.
I-Comrades Marathon edume umhlaba wonke, eqale eDurban yaphelela eMgungundlovu, ilethe izinzuzo ezinkulu kwezomnotho nezokuvakasha kuleli dolobha.
Amahhotela, izindawo zokudlela, abahlinzeki bezokuthutha, izindawo zezokuvakasha kanye namabhizinisi amaningi endawo kube nomsebenzi omningi phakathi nempelasonto yomjaho njengoba izinkulungwane zabagijimi nabalandeli bezitheleka eThekwini.
IDolobha lamukele ababambiqhaza abalinganiselwa ku-21 600 kanye nababukeli abacishe babe ngu-65 000, okugqamisa indima ebalulekile yalo mcimbi ekukhuliseni umnotho, ukuvuselela ezokuvakasha kanye nokumaketha iDurban njengendawo ehamba phambili yokusingatha imicimbi emikhulu yamazwe ngamazwe.
Ngaso leso sikhathi, i-GAS Motorshow International, ebibanjelwe eSuncoast Casino, ihehe izixuku zabathandi bezimoto abajabulele umbukiso omangalisayo wezimoto, imibukiso yokudriftha, ubuchwepheshe obusha bezimoto kanye nokuzijabulisa komndeni.
Lo mcimbi uphinde wandisa isibalo sezivakashi futhi wanikela ekukhuleni kwesithunzi seDurban njengendawo ephambili yemicimbi yezemidlalo, ezokuzijabulisa kanye neyempilo.
IMeya yaseThekwini, uKhansela Cyril Xaba, yamukele ngentokozo impumelelo yokusingathwa kwale micimbi yomibili, yagqamisa umnikelo wayo omkhulu emnothweni wendawo nasembonini yezokuvakasha.
“Le micimbi ikhombisa ikhono leDurban lokusingatha imicimbi esezingeni lomhlaba eheha izethameli zakuleli nezamazwe ngamazwe. Inikela kakhulu kwezokuvakasha, isekele amabhizinisi endawo, idale amathuba okukhula komnotho futhi ibeke iDurban njengedolobha elikwazi ukusingatha imicimbi emikhulu yamazwe ngamazwe,” kusho iMeya uXaba.
Yengeze ngokuthi: “I-Comrades Marathon isalokhu ingenye yemicimbi yezemidlalo ebaluleke kakhulu kuleli Dolobha njengoba iheha izinkulungwane zezivakashi ezinikele emnothweni wendawo ngesikhathi ikhombisa umoya wokwamukela izivakashi kanye nezindawo zezokuvakasha ezisezingeni lomhlaba zaseDurban.”
Ukuze kuthuthukiswe ulwazi lwabantu ngosuku lomjaho, uMasipala usingathe i-Comrades Marathon Fan Park ebigcwele ubumnandi eKings Park Athletics Stadium, lapho izakhamuzi nezivakashi zihlangane khona ukubukela umjaho bukhoma, zijabulele ukuzijabulisa okulungele imindeni futhi zigubhe impumelelo yabagijimi ababambe iqhaza.
Ngemuva kokuphothulwa ngempumelelo komjaho, uMasipala uqale umsebenzi omkhulu wokuhlanza ngemuva komcimbi ukuze kubuyiselwe isimo esijwayelekile ezindaweni ezithintekile futhi kugcinwe amazinga aphezulu enhlanzeko emzileni osuka eDurban City Hall uya eCato Ridge.
Amaqembu kaMasipala athunyelwe ngokushesha ngemuva komcimbi ukuze kuqinisekiswe ukuthi umzila uhlala uhlanzekile, uphephile futhi uvulekile kubahlali nakubashayeli bezimoto.
Ngokuhlela ngokucophelela, ukusebenza ngokubambisana kanye nokuzinikela, iDolobha liqede ngempumelelo lo msebenzi ngesikhathi lisekela izinhloso zalo zokunciphisa imfucuza nokugcina imvelo.
Ingxenye ebalulekile yohlelo lokuhlanza ibihlanganisa ukuqoqwa nokuhlukaniswa kwezinto ezingaphinde zisetshenziswe, okubalwa amabhodlela epulasitiki, izikhwama zamanzi, amakhathoni, amaphepha kanye nezinye izinhlobo zokupakisha ezikhiqizwe phakathi nomcimbi.
Lo msebenzi uholele ekuqoqweni kwamathani angu-13 emfucuza ejwayelekile, kanti amathani angu-28 wezinto ezingaphinde zisetshenziswe aqoqwe ngempumelelo futhi avinjwa ukuthi ayolahlwa ezindaweni zokulahla udoti.
Ngaphezu kwalokho, Amaphoyisa kaMasipala (Metro Police) agcine ukusebenza okuqinile kwezomthetho kuwo wonke umcimbi.
Okhulumela iMetro Police, uColonel Boysie Zungu, uqinisekise ukuthi usuku lomjaho luhambe kahle futhi luhlelwe ngendlela efanele, ngaphandle kwanoma yikuphi ukwephulwa kwemithetho kamasipala noma ukuboshwa kwabantu.
Imigwaqo evaliwe iphinde yavulwa ngokushesha ngangokunokwenzeka ukuze kuqinisekiswe ukuhamba kahle kwezimoto ngemuva komcimbi.
Ukusingathwa ngempumelelo kwe-99th Comrades Marathon kanye ne-GAS Motorshow International kuphinde kwabonisa ukuzibophezela kukaMasipala waseThekwini ekuheheni nasekusekeleni imicimbi emikhulu evuselela utshalomali, ikhulise ezokuvakasha, idale amathuba omnotho futhi iqinise isithunzi seDurban njengendawo ehamba phambili e-Afrika yezemicimbi nezokuvakasha.
UMasipala udlulisa ukubonga kubo bonke ababambiqhaza, izivakashi, abahleli bemicimbi, abaxhasi, amavolontiya, amaqembu kaMasipala, izinhlaka zomthetho kanye nezakhamuzi ezibambe iqhaza elikhulu ekwenzeni le mpelasonto ibe yimpumelelo engasoze yalibaleka.

