
I-Poster yokubungaza inyanga kalowo owabe enguMengameli wokuqala wentando yeningi eNingizimu Afrika
Njengoba abantu baseNingizimu Afrika begubha iNyanga kaMandela, imiphakathi ikhuthazwa ukuba ihloniphe ifa likaNelson Mandela ngokuvikela nokunakekela izakhamuzi ezisengozini enkulu ezweni – okuyizingane.
Njengoba izikole zivaliwe ngenxa yamaholide asebusika, abazali nabagadi bezingane bayanxuswa ukuba baqaphe kakhulu futhi babeke phambili ukuphepha nenhlalakahle yezingane emakhaya nasezinkundleni zokuxhumana.
Amaholide ezikole anikeza izingane ithuba lokuphumula, lokuchitha isikhathi nomndeni nabangane kanye nokujabulela imidlalo neminye imisebenzi yokungcebeleka. Nokho, aphinde abe yisikhathi lapho izingane zibhekana khona nezingozi ezinkulu uma zishiywa zingagadiwe noma zivezwa ezindaweni ezingaphephile, ikakhulukazi ezinkundleni zokuxhumana.
Abazali bayelulekwa ukuba baqaphe imisebenzi yansuku zonke yezingane zabo futhi banciphise isikhathi ezisichitha ku-inthanethi. Ukwazi ukuthi yiziphi izinhlelo zokusebenza (apps), amawebhusayithi nezinkundla zokuxhumana izingane ezizisebenzisayo kungasiza ukuzivikela ekuhlukunyezweni nge-inthanethi, ekuxhashazweni nasekubanjweni ngamaxhwanguxhwangu ahlose ukuhlukumeza izingane ngokocansi.
Imindeni ehambayo noma evakashela izindawo zomphakathi ngesikhathi samaholide nayo iyakhuthazwa ukuba ithathe izinyathelo zokuphepha. Abazali kufanele bavumelane nezingane zabo ngendawo yokuhlangana uma kwenzeka behlukana, futhi bazifundise ukuthi zicele usizo ephoyiseni, konogada, kumuntu omdala abamethembayo noma kumuntu osebenza esitolo esiseduze uma kwenzeka zilahleka.
Izingane kufanele futhi zikhunjuzwe ukuthi zingalokothi zifihle izimfihlo kubazali noma kubagadi bazo, ikakhulukazi uma zisondelwe umuntu ezingamazi noma zenziwe zazizwa zingakhululekile.
Iziphathimandla zigcizelela ukuthi uma ingane ilahleka, umzuzu ngamunye ubalulekile. Asikho isikhathi sokulinda ngaphambi kokubika ngokulahleka kwengane, ngakho abazali noma abagadi kufanele babike ngokushesha esiteshini samaphoyisa esiseduze nabo.
Usizo luyatholakala futhi ngokushayela ku-Crime Stop ku-08600 10111, Gender-Based Violence Command Centre ku-0800 428 428, kanye ne-Missing Children South Africa ku-072 647 7464. Imibiko ingaphinde ithunyelwe nge-inthanethi nge-Missing Children South Africa.
Kule Nyanga kaMandela, imiphakathi iyakhunjuzwa ukuthi ukwenza umehluko kuqala ngezenzo ezincane zokunakekela nokuzibophezela. Ngokugcina izingane ziphephile, ukuqapha njalo nokweseka imindeni, wonke umuntu waseNingizimu Afrika angaba negalelo ekwakheni umphakathi onakekelayo, onesihawu nowawufiswa uNelson Mandela.
UJulayi ugujwa njengeNyanga kaMandela emhlabeni wonke, okuwuhlelo oluhlonipha ifa lowayenguMengameli waseNingizimu Afrika, uNelson Mandela, ngokukhuthaza abantu nemiphakathi ukuba banikele ngemizuzu engu-67 besebenzela ukusiza abanye. INelson Mandela International Day, eyaziwa yiNhlangano Yezizwe (UN), igujwa ngosuku lokuzalwa kwakhe mhla ziyi-18 kuJulayi.
Encwadini yakhe yamasonto onke, uMengameli Cyril Ramaphosa uthe izwe kumele lisebenzise uSuku lukaMandela ukuqinisa kabusha imizamo yokulwa nobubha nokungalingani.
“Kumele siqhubeke nokutshala izimali emfundweni nasezinhlelweni zezempilo zabantu bakithi, sibeke phambili izidingo zabampofu nabasengozini enkulu. Kumele siqhubeke nokweseka ukufunda kusenesikhathi ezikoleni zethu futhi siqedele ukuguqulwa kohlelo lokuthuthukisa amakhono. Ngasikhathi sinye, kufanele sakhe uhlelo lwezempilo olunikeza wonke umuntu usizo lwezempilo oluseqophelweni eliphezulu, kungakhathaliseki ukuthi uyakwazi yini ukukhokhela lolo sizo.
“Izenzo zokusiza esizozifeza ngalolu Mgqibelo azigcini ngokuba yizimpawu nje kuphela ezingahlobene nomsebenzi onzima wokwakha izikhungo eziqinile, ukuheha utshalomali nokuguqula izinhlelo nezinqubomgomo. Ziyingxenye yomzamo ofanayo wokwakha izwe elingcono,” kusho uRamaphosa.
– SAnews.gov.za
Top of Form
Bottom of Form

