
SHEILA MHLONGO
Uhlelo lwe-Two Oceans Marathon Initiative (TOMi) seluqoqe imali engu-R2 million ezosetshenziswa ukusiza izinhlangano ezisiza umphakathi, ngemuva kokuthi wonke amathuba angu-2 000 okubhalisela i-Totalsports Two Oceans Marathon powered by BYD ethengwe aphela.
La mathuba abenikezwa abagijimi ngokohlelo lokuthi ofike kuqala asizakale kuqala. Uhlelo lwe-TOMi lunikeze abagijimi ithuba lokuhlanganisa uthando lwabo lokugijima nokwenza umehluko obonakalayo emphakathini.
Kube namathuba angu-1 000 okubhalisela i-Ultra Marathon kanye nangu-1 000 okubhalisela i-Half Marathon. Umgijimi ngamunye obhalise ngaphansi kohlelo lwe-TOMi unikele ngo-R1 000, okuholele ekutheni kuqoqwe u-R2 million.
I-TOMi iwuhlelo olusemthethweni lwe-Two Oceans Marathon NPC olugxile ekuletheni uguquko emphakathini. Lolu hlelo luxhasa izinhlangano ezisiza umphakathi ezisebenza ngaphansi kwezinsika ezine ezilandelayo:
- Imfundo
- Imvelo
- Ezempilo nenhlalakahle
- Ukuthuthukiswa kwezokusubatha
Yonke iminikelo ye-TOMi yamukelwa futhi ilawulwa yi-Two Oceans Marathon NPC ngokulandela imigomo ebekiwe yokuphatha. Lokhu kwenzelwa ukuqinisekisa ukuthi imali yabiwa ngendlela esobala, enesibopho futhi iye lapho izokwenza khona umehluko omkhulu emphakathini.
Abagijimi bangakwazi nokunikela ngqo kunoma iyiphi yalezi zinsika ezine ngesikhathi bebhalisela umjaho.
Kuhlelwa ukuxhasa imisebenzi yesikhathi eside
USihlalo weKomidi elincane le-TOMi, uCaroline Wills, uthe ukungenelela kozakwethu ohlela umcimbi sekwenze iBhodi lakwazi ukuphinde ligxile emsebenzini wokupha wenhlangano engenzi nzuzo.
“Ukuzinza kwezimali zomjaho kusivumela ukuthi sihlele ngendlela enesu futhi sisekele izinhlangano ezisiza umphakathi ngamaphrojekthi amakhulu esikhathi eside. I-TOM NPC isemkhankasweni wokufaka isicelo kwa-SARS ukuze ivunyelwe ukukhipha izitifiketi ze-Section 18A, okuzosiza ekuheheni uxhaso oluvela ezikhwameni zezinkampani,” kusho uWills.
IPhini likaSihlalo we-TOM NPC, uGlenn Muller, lithe iBhodi lizimisele ukuxhasa izinhlangano nezinhlelo ezihambisana nezinhloso ze-Totalsports Two Oceans Marathon powered by BYD.
“Sifuna ikakhulukazi ukusiza imiphakathi eseduze nomzila womjaho nokuyinikeza amathuba abalulekile okuba yingxenye yomjaho owaziwa ngokuthi yi-World’s Most Beautiful Marathon,” kusho uMuller.
Njengengxenye yokuqala yokuvuselelwa kwalolu hlelo, i-TOMi isanda kukhipha izibonelelo ezingaphezu kuka-R500 000 ezinhlanganweni eziyisishiyagalombili zezokusubatha zaseWestern Province. Le mali izosetshenziselwa ukuxhasa izinhlelo zokuthuthukisa intsha nokuhlelwa kwemicimbi.
Njengamanje kwamukelwa futhi kuhlolwa iziphakamiso zezibonelelo ngaphansi kwezinye izinsika zohlelo lokusiza umphakathi.
Amanye amathuba okubhalisela umjaho azonikezwa izinhlangano zangaphandle ezisiza umphakathi uma sekuphothulwe uhlelo lokukhethwa kwabangenela umjaho. Imininingwane yalezi zinhlangano izotholakala kusizindalwazi se-TTOM. Izindleko zalawo mathuba zizonqunywa yinhlangano ngayinye ngokwesu layo lokumaketha.
UMqondisi womcimbi we-Totalsports Two Oceans Marathon powered by BYD, uWade Bromfield, uthe i-TOMi iyinkundla ebalulekile yokuletha uguquko oluhle.
“Sijabule ukubona ukwesekwa okukhulu komjaho sekuguquka kube usizo olubonakalayo emphakathini. Sibheke ngabomvu ukuthi iKomidi elincane le-TOMi liqinisekise ukuthi imali eqoqiwe iya ezinhlelweni ezizokwenza umehluko omuhle nohlala isikhathi eside emiphakathini eqhubeka nokweseka lo mcimbi,” kusho uBromfield.
IMINININGWANE YEMICIMBI YE-TOTALSPORTS TWO OCEANS MARATHON KA-2027
ULwesithathu, 31 Mashi 2027
I-Totalsports Two Oceans Marathon powered by BYD Night Run
- Inani labazongenela: 5 000
- Ibanga: 8km
- Imali yokungenela kwabasubathi baseNingizimu Afrika: R320
- Abasubathi bamazwe ngamazwe nabase-Afrika: £14
- Ukubhalisa kuvulwa ngoMsombuluko, 3 Agasti 2026.
ULwesine, 1 Ephreli 2027
I-Totalsports Two Oceans Marathon powered by BYD International Friendship Run
- Inani labazongenela: 3 000
- Amaphesenti angu-50 amathuba azobekelwa abagijimi baseNingizimu Afrika, kuthi angu-50 abekelwe abagijimi bamazwe ngamazwe.
- Ibanga: 4,5km
- Imali yokungenela kwabasubathi baseNingizimu Afrika: R250
- Abasubathi bamazwe ngamazwe nabase-Afrika: £11
- Ukubhalisa kuvulwa ngoMsombuluko, 3 Agasti 2026.
ULwesihlanu, 2 Ephreli 2027
I-Totalsports Two Oceans Marathon powered by BYD Trail Run
- Inani labazongenela: 1 500
- Indawo yokuqala neyokuphothula: UCT Rugby Fields
Amabanga nezimali zabasubathi baseNingizimu Afrika:
- 24km – R950
- 18km – R750
- 12km – R550
Abasubathi bamazwe ngamazwe nabase-Afrika:
- 24km – £43
- 18km – £34
- 12km – £25
Ukubhalisa kuvulwa ngoMsombuluko, 3 Agasti 2026.
Izimali zabasubathi bamazwe ngamazwe zingaguquka ngokwezinga lokushintshaniswa kwemali eliyobe lisebenza ngesikhathi sokukhokha.
UMgqibelo, 3 Ephreli 2027
I-Totalsports Two Oceans Half Marathon powered by BYD
- Inani labazongenela: 21 000
- Indawo yokuphothula: UCT Rugby Fields
- Ibanga: 21,1km
ISonto, 4 Ephreli 2027
I-Totalsports Two Oceans Ultra Marathon powered by BYD
- Inani labazongenela: 21 000
- Indawo yokuphothula: UCT Rugby Fields
- Ibanga: 56km
Imininingwane yokuxhumana
- Facebook: Two Oceans Marathon
- Instagram: Totalsports Two Oceans Marathon
- Isizindalwazi: www.twooceansmarathon.org.za
- Imibuzo emayelana nokubhalisa noma umcimbi: Patiswa@twooceansmarathon.org.za
- Imibuzo yabagijimi bamazwe ngamazwe nabase-Afrika: info@marathontours.co.uk
Top of Form
Bottom of Form

