Kuhalaliselwe bonke abaqokiwe nabaphumelele kuma-South African Sport Awards ka-2026

ESITHOMBENI -Kungesikhathi uNgqongqoshe wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko uMnu Gayton McKenzie emukelisa abaphumelele emcimbini  we-19th  South African Sport Awards eSun City

SHEILA MHLONGO

E-Sun City, eNorth West – Bekukuhle kudelile   eSun City Superbowl  goMgqibelo womhlaka -19 ku-Agasti 2026, lapho bekubanjwe khona umcimbi we-19th  South African Sport Awards. Lo mcimbi ububungaza iminyaka engu-19 yokuhlonishwa kwempumelelo yezemidlalo, ubumbano nokuziqhenya kwesizwe.

Ngaphansi kwendikimba ethi “Crowned in Greatness”, kuhlonishwe abasubathi asebakhe umlando kwezemidlalo kanye nesizukulwane esisha esiqhubeka nokwephula amarekhodi nokwandisa amathuba empumelelo. Abaqokiwe kulo nyaka bakhombise ukuqina, ukuzimisela nokungapheli amandla, okuyizimfanelo iNingizimu Afrika eyaziwa ngazo.

Umklomelo omkhulu we-Sport Star of the Year unqotshwe ngumsubathi u-Akani Simbine, kwathi iqembu lesizwe lekhilikithi labesilisa lama-Test, i-Proteas Men’s Test Cricket Team, lahlomula ngomklomelo we-Sport Team of the Year.

Kuhalaliselwa bonke abaqokiwe nabanqobile kumaSouth African Sport Awards ka-2026. Ngenxa yokuzinikela, ukuzithiba nothando lwabo lwezemidlalo kanye nokubeka igama leNingizimu Afrika ezingeni lomhlaba. Bangumgogodla wobuwena bezemidlalo kuleli futhi baphila ngempela umoya we-#IzinjaZeGame.

Uhlu lwabanqobile

  • Umphathi Wezemidlalo Wonyaka: Anthony Moruthane – Tennis
  • Inhlangano Yezokungcebeleka Yonyaka: Khokho Association South Africa
  • Ivolontiya Lezemidlalo Lonyaka: Nqobile Kunene – Rural Horse Racing
  • Isihlabani Sezemidlalo Sentsha/Sabasakhula Sonyaka: Bayanda Walaza – Athletics
  • Iqembu Lezemidlalo Lentsha/Sabasakhula Lonyaka: Men’s Under-20 Rugby Team
  • Intatheli Yezithombe Zezemidlalo Yonyaka: Skhu Nkomphela – Sport Photographer
  • Intatheli Yezindaba Zezemidlalo Yonyaka: Rachel Makhura – Broadcasting
  • Isikhulu Sezobuchwepheshe Sonyaka: Aimee Barrett-Theron – Rugby
  • Umfelandawonye Wezemidlalo Kazwelonke Wonyaka: Cricket South Africa
  • Iqembu Lezemidlalo Lonyaka: Proteas Men’s Test Cricket Team
  • Umqeqeshi Wonyaka: Thabo Matebedi – Athletics
  • Umdlali Wesifazane Wonyaka Ophila Nokukhubazeka: Simoné Kruger – Athletics
  • Umdlali Wesilisa Wonyaka Ophila Nokukhubazeka: Puseletso Michael Mabote – Para Athletics, 400m T63
  • Umdlali Wesifazane Wonyaka: Prudence Sekgodiso – Athletics
  • Umdlali Wesilisa Wonyaka: Pieter Coetzé – Swimming
  • Isihlabani Sezemidlalo Sonyaka: Akani Simbine – Athletics

Umklomelo iSteve Tshwete Lifetime Achievement

  • UNksz Siya Vabaza-Booi
  • UMnu Selwyn Nathan
  • UMnu Veli Nhlapo

Umklomelo i-Andrew Mlangeni Green Jacket

  • UMnu William Mtolo
  • UMnu Teenage Dladla
  • USolwazi Mlungisi Ngubane
  • UMnu Patson Banda

Imiklomelo Yokwenza Okuvelele

  • UMnu Rayno Nel
  • UNksz Tasneem Solomons
  • UMnu Temba Bavuma
SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *