Kungani iNingizimu Afrika ilahlekelwa amabhizinisi aphethwe ngabesifazane ngemuva kwesigaba sokuqala

uWendy Thembeka Dlomo

Abesifazane baseNingizimu Afrika baqala amabhizinisi cishe ngezinga elifanayo nelabesilisa, kodwa bambalwa kakhulu abasuke besaqhubeka nokuhweba ngemva kweminyaka emithathu nengxenye. Ezweni, isibalo sabesilisa abanamabhizinisi asezinzile sicishe sisiphinde kabili esabesifazane—singama-7.9% kwabesilisa abaneminyaka ephakathi kuka-18 no-64, uma siqhathaniswa no-4.1% kwabesifazane.

Ukuncipha kwesibalo samabhizinisi abesifazane aqhubeka nokusebenza sekuyinkinga enkulu kwezamabhizinisi abesifazane. Lokhu kukhomba ukuthi inkinga ayikho ekusweleni isifiso sokuphumelela noma ikhono, kodwa isezimweni abesifazane abaphoqeleka ukuthi bakhe futhi baqhube ngaphansi kwazo amabhizinisi abo.

Izindleko zalokhu kulahlekelwa zingalinganiswa. Ucwaningo lweCiti olumayelana nosomabhizinisi besifazane luveza ukuthi ukuvala igebe lobulili ekukhuleni kwamabhizinisi kungangeza phakathi kuka-$1.6 trillion no-$2.3 trillion emnothweni womhlaba, kuphinde kudale amathuba emisebenzi afinyelela ezigidini ezingama-433.

Izizathu ezinikezwa ngabesifazane nabesilisa uma bevala amabhizinisi abo zehluka kakhulu. Imininingwane yokuphuma emabhizinisini ye-Global Entrepreneurship Monitor South Africa iveza ukuthi izindaba zomuntu siqu nezomndeni ziyimbangela yokuphuma kwamabhizinisi kwabesifazane abangama-21.5%, uma kuqhathaniswa no-12.1% kwabesilisa. Ubunzima bokuthola uxhaso lwezimali buthinte u-21.5% wabesifazane uma kuqhathaniswa no-17.8% wabesilisa.

UGugu Mjadu, oyi-Executive General Manager: Marketing and Impact Investing kwaBusiness Partners Limited, okuyibo abahlela imiklomelo ye-Entrepreneur of the Year®, uthi zikhona izimo ezingahlangene nhlobo nokuthi ibhizinisi lisebenza kahle kangakanani.

“Izinqumo zabatshalizimali nezokuthengwa kwezimpahla nezinsizakalo zisasekelwe emibonweni engafakazelwanga yokuthi ubani obukeka njengomuntu ongathenjwa ukuthi angatshalwa kuye,” kusho uMjadu.

Naphezu kweminyaka engaphezu kwamashumi amabili ibhizinisi lisebenza, kusekhona abantu abangabazayo ukuthi ngubani ongumnikazi weBashumi Instruments & Control Services. ULomo Senoamadi wasungula le nkampani esebenza ngemishini yasemalabhorethri ngo-2003, futhi wafakwa ohlwini olufushane lwabagaqele imiklomelo yangonyaka odlule.

“Lokhu akwenzeki kanye kuphela noma emhlanganweni owodwa. Kwenzeka kaningi, eminyakeni eyahlukene nangezindlela ezahlukene. Ezikhathini eziningi kuvela njengombuzo wokuthi ngubani ophethe uhlangothi lwezobuchwepheshe, kube sengathi owesifazane ogama lakhe likhona esitifiketini se-B-BBEE ngeke kube nguyena futhi oqhuba ibhizinisi. Lokhu kukubeka esimweni sokuthi uzivikele emhlanganweni obekufanele ngabe uxoxa kuwo ngenkinga yekhasimende,” kusho uSenoamadi.

Umbuzo ofanayo ulandela abesifazane nasezimbonini.

“Kuye kwadingeka ngibhekane nabantu abacabanga ukuthi ngingunobhala, hhayi umsunguli webhizinisi,” kusho uTrudy Maleka, umsunguli we-Ambesha Africa, owawina isicoco se-Emerging Business ngo-2024.

“Njengowesifazane, kuye kwadingeka nokuthi ngicabange ngezinto ezifana nokuhamba ngedwa ngiyoletha izimpahla ezindaweni zokusebenza, noma ukuya ezinkundleni zokusebenzela ebusuku kakhulu.”

Le mibono iba nomthelela omkhulu uma owesifazane efaka isicelo soxhaso lwezimali.

“Ukufaka isicelo soxhaso lwezimali ekuqaleni kohambo lwami kwangiphoqa ukuba ngizilungiselele ngokweqile ukuze nje ngicatshangelwe,” kukhumbula uWendy Dlomo, umsunguli webhizinisi lezokuvakasha nezakhiwo i-The Living Collective, nowaba ngomunye wabafinyelela kowamanqamu ngo-2025.

“Ozakwethu besilisa babengena namaphepha ayingxenye yalawo engangiwalungiselele, kodwa benokuzethemba okuphindwe kabili. Okuxakayo ukuthi lokho kuzethemba kwakuvame ukuthathwa njengobufakazi bokwethembeka.”

Emkhakheni wezokwakha, imibandela yokuthola uxhaso lwezimali iluma kakhulu.

“Uma usemncane bese uthola ithuba noma iphrojekthi, akekho ozimisele ukukuboleka imali. Ezinye izikhungo zikahulumeni zithatha isikhathi eside ukuphendula, kanti ikhasimende lakho alinaso isikhathi sokukulinda,” kuchaza uFeziwe Mpaku, umsunguli we-Independent Girls Business Enterprise, owafakwa ohlwini olufushane lwabagaqele umklomelo ngo-2024.

“Asiveli emindenini lapho ungavele uboleke khona imali. Ngakho ugcina usuboleka ezindaweni ezinenzalo ephezulu, bese leyo nzalo idla inzuzo yakho.”

Imithetho nezidingo zokuhambisana nayo kwengeza omunye umthwalo.

“Izindleko zokuhambisana nemithetho zishaya kakhulu amabhizinisi amancane, ngoba inkampani enabasebenzi abahlanu ithwala cishe umthwalo wokuphatha ofanayo nowenkampani enkulu, kodwa yona ingenabo abasebenzi abanele bokuwusingatha,” kusho uMjadu.

Ngokuhlangenwe nakho kukaMpaku, ukuhambisana nemithetho kunquma nokuthi ibhizinisi lingawuthola yini umsebenzi.

“Kunemali enkulu okufanele uyikhokhe ukuze uhlangabezane nezidingo zokusebenza. Uma ungahambisani nazo, miningi imisebenzi ongeke ukwazi ukuyenza. Lokhu sekuphenduke isango elinquma ukuthi ubani othola amathuba.”

UMjadu uphinde aveze isithiyo sesithathu, okuyiso esinquma ukuthi ngubani ozwa ngethuba lebhizinisi kwasekuqaleni.

“Amanethiwekhi asiza ibhizinisi ukuba lisuke ekubeni lincane liye ezingeni eliphakathi asaphethwe kakhulu ngabesilisa. Ngenxa yalokho, abesifazane basebenza ngaphandle kokwethulwa kubantu abangabasiza ngendlela izimbangi zabo ezikuthola kalula ngayo.”

USamantha Skyring, oyi-CEO engumsunguli we-Oryx Desert Salt nowawina isicoco se-Small Business Entrepreneur of the Year® ngo-2024, anganikeza isibonelo salokhu.

“Ngisola ukuthi ukuthola abatshalizimali kwakuzoba lula, noma okungenani ukwethulwa nokuxhunyaniswa nabantu abangaba abatshalizimali kwakuzoba lula. Kwakuneqembu elithile labatshalizimali omunye engisebenza naye ayelazi, kodwa akazange angitshele ngalo. Ingabe babengangethula kubo ukube ngangiyindoda?”

Isimo sokugcina uMjadu asibalulayo yileso esilandela umsunguli webhizinisi aze afike ekhaya. Uthi ukunakekelwa kwezingane kusathathwa njengodaba lwezenhlalakahle eNingizimu Afrika, nakuba empeleni kuyingxenye ebalulekile yengqalasizinda yezomnotho. Lokhu kukodwa kuyawashintsha amathuba nemisebenzi umsunguli webhizinisi angakwazi ukuyamukela.

UDlomo uchaza izindleko zalokhu empilweni yansuku zonke.

“Kuhlale kukhona ukuxoxisana phakathi kwezifiso zakho zokuphumelela nakho konke okunye okulindelwe yimpilo kuwe. Sengike ngaphendula izingcingo ngo-10 ebusuku mayelana nezinkinga zezakhiwo, ngazizwa nginecala ngokungatholakali kwabanye, ngesikhathi esifanayo ngazizwa nginecala ngokuba ocingweni. Abesilisa abavamile ukwenziwa bazizwe sengathi izifiso zabo zokuphumelela zehlisa isithunzi noma ukubaluleka kwalokho abayikho.”

Laba basunguli bavumelana ngokuthi izimo ziyashintsha uma ibhizinisi selidlule eminyakeni yalo yokuqala. I-Ambesha Africa izohlanganisa iminyaka eyishumi ngoSepthemba.

“Unyaka wokuqala wawumayelana nokusinda—ukuthola noma yiliphi ikhasimende nokukwazi ukukhokha irenti. Manje sekumayelana nokuphathwa kwemali engenayo nephumayo, izinkontileka ezinkulu, ukuphatha abasebenzi abangama-20 nokuthumela imikhiqizo kwamanye amazwe,” kusho uMaleka.

“Izinselelo zaba nkulu, kodwa nami ngakhula.”

Isidingo sokugcina la mabhizinisi eqhubeka siyisisekelo sendikimba yeNyanga Yabesifazane yanonyaka ethi, “Building Resilient Economies for All”—Ukwakhela Bonke Abantu Umnotho Oqinile Nokwazi Ukumelana Nezimo.

“Ukwakha umnotho oqinile kusho ukutshala imali ekwakheni amakhono akuleli, kunokuwathenga kwamanye amazwe,” kusho uSenoamadi.

“Kusho ukuthi umnotho kufanele usebenzele umuntu ophansi emphakathini, hhayi labo abasemagunjini amakhulu emihlangano kuphela,” kwengeza uMaleka. “Uma utshala imali kwabesifazane, usuke utshala imali emisebenzini, emiphakathini kanye nasekusasa lomnotho wethu.”

USkyring uthi ingxenye yomthwalo wokwenza ushintsho ilele nakwabesifazane uqobo.

“Asiqale ngokufunda ukuzazisa. Uma siphakamisana futhi sesekana esikhundleni sokuncintisana sodwa, sonke siba namandla. Namabhizinisi, imiphakathi kanye neminotho esiyakha ngokubambisana nakho kuba namandla.”

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *