Uhulumeni uzibophezele ukuhlanganisa abelaphi bendabuko ohlelweni lwe-NHI

IPhini likaNgqongqoshe wezeMpilo, uDkt Joe Phaahla,

SHEILA MHLONGO

IPhini likaNgqongqoshe wezeMpilo, uDkt Joe Phaahla, lithi uhulumeni uzibophezele ekusebenzisaneni nabelaphi bendabuko ukuze nabo bafakwe ngokugcwele ohlelweni lwe-National Health Insurance (NHI) njengoba luqala ukusebenza.

IPhini likaNgqongqoshe likusho lokhu ngesikhathi lethula inkulumo emcimbini wokugubha uSuku Lwemithi Yesintu Yase-Afrika, obubanjelwe eMpumalanga ngoMsombulukowomhlaka 31 Agasti 2026.

I-World Health Organisation (WHO) ikhuthaza ukuthi izindlela zokwelapha zendabuko zifakwe ezinhlelweni zezempilo ezisemthethweni ukuze izinsiza zezempilo zitholakale kalula futhi zisebenze ngempumelelo kubantu abaningi.

“Inhloso ye-NHI ukuqinisekisa ukuthi wonke umuntu uyakwazi ukuthola izinsiza zezempilo.

“Uma sikhuluma ngezinsiza zezempilo, sisho izinsiza eziphelele, kungakhathaliseki ukuthi zibizwa ngezokwelapha zaseNtshonalanga noma ngezokwelapha zendabuko. Umsebenzi wethu ukuqinisekisa ukuthi siyawakha amathuba okuba zonke lezi zindlela zisebenze.

“Iningi labantu bakithi lithembele kakhulu kubelaphi bendabuko. Ngakho-ke, siyobe sizikhohlisa uma sicabanga ukuthi singakwazi ukufinyelela esimweni lapho wonke umuntu ethola ukunakekelwa kwezempilo ngaphandle kokwakha amathuba okubambisana okufanele phakathi komkhakha wezempilo nabelaphi bendabuko,” kusho uPhaahla.

Uthe njengoba kugujwa lolu suku, kusekuningi okusamele kwenziwe ukuze kuxazululwe izinselelo eziphathelene nokulawulwa nokwamukelwa ngokusemthethweni kwemithi yesintu.

“Njengoba sigubha futhi sikhumbula lolu suku, kusekuningi okusamele sikwenze ukuze siqinisekise ukuthi imithi yesintu, eyigugu eliyifa lethu, inikwa inkundla yokukhombisa ukusebenza kwayo ngempumelelo.

“Kumele futhi sakhe inkundla ezoqinisekisa ukuthi abelaphi bendabuko bahleleka ngendlela efanele futhi balawulwa ngokufanele nguhulumeni.

“Umsebenzi wethu njengohulumeni ukuhlinzeka ngohlaka lapho kuzoxazululwa khona izindaba eziphathelene nezinga lezinsiza, ukuphepha kanye nokuqinisekiswa kwekhwalithi,” kusho yena.

IPhini likaNgqongqoshe liqinisekise abelaphi bendabuko ukuthi uhulumeni uyabeseka ngokugcwele emzamweni wabo wokuba bahlonishwe futhi baqashelwe kunoma yiluphi ucwaningo olwenziwa ngemithi yesintu.

“Njengohulumeni, asiphikisani nani ngokuthi uma kwenziwa ucwaningo futhi kutholakala ukuthi imikhiqizo iphephile, iyasebenza futhi ingakwazi ukusiza abantu, kumele siqinisekise ukuthi abantu abasungule noma abaqhamuke naleyo mikhiqizo bayahlonishwa futhi bayaqashelwa.

“Kumele babhalwe ngokusemthethweni ukuze esikhathini esizayo, uma le mikhiqizo isisetshenziswa kabanzi ohlelweni lwezempilo, abantu abayethule khona nabo bathole isinxephezelo esibafanele,” kusho uPhaahla.

SAnews.gov.za

Top of Form

Bottom of Form

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *