I-Durban Fashion Fair igubha iminyaka eyi-15

Lo mcimbi wezinsuku ezintathu, ozohlanganisa ezemfashini, ubuciko namabhizinisi, uzokuba ngaphansi kwendikimba ethi: “Where Legacy Lives” – okusho ukuthi “Lapho Ifa Liphila Khona”. Indikimba ihlose ukugubha ukufinyelela kwe-DFF eminyakeni eyi-15.

EDURBAN – Sekuphele iminyaka eyi-15 iDurban Fashion Fair (DFF) yavulela abasiki bengqephu abasafufusa amathuba okwelulekwa, okukhombisa imisebenzi yabo nawokuzakhela amagama embonini yezemfashini.

Njengengxenye yokugubha lo mlando, abanye babasiki bengqephu bokuqala abahlomula kulolu hlelo bazobuyela eshashalazini emcimbini ozoba seDurban Exhibition Centre kusukela mhla ziyi-16 kuya ziyi-18 kuMandulo 2026.

Lo mcimbi wezinsuku ezintathu, ozohlanganisa ezemfashini, ubuciko namabhizinisi, uzokuba ngaphansi kwendikimba ethi: “Where Legacy Lives” – okusho ukuthi “Lapho Ifa Liphila Khona”. Indikimba ihlose ukugubha ukufinyelela kwe-DFF eminyakeni eyi-15.

Umbukiso uzohlanganisa abasiki bengqephu asebezakhele amagama, abasafufusa kanye neqembu labafundi bohlelo lokwelulekwa i-DFF Mentee Class of 2026.

Ukubamba iqhaza kwalabo abake baba ngaphansi kohlelo lokwelulekwa, asebengamagama aziwayo embonini, kukhombisa iqhaza elibanjwe yi-DFF ekuthuthukiseni ikhono, ekuvuleni amathuba amabhizinisi, ekwandiseni ukufinyelela ezimakethe nasekwakheni ukuhlonishwa kwabasiki bengqephu.

Uhambo lukaKwenzi Nkomo

Phakathi kwabasiki abazobamba iqhaza kukhona uKwenzi Nkomo we-Indoni Fashion House, owaqala ukubonisa umsebenzi wakhe kwi-DFF ngo-2014.

Kusukela lapho, usekhombise imikhiqizo yakhe emazweni ahlukahlukene, okubalwa kuwo i-Ethiopia Fashion Week nePure London. Uphinde ahlinzeke ngezingubo ezitolo ezizimele nakubadayisi abakhulu eGoli, eThekwini naseKapa.

Ngo-2022 waqokwa njenge-DFF Designer of the Year, kanti muva nje ubekhombisa imisebenzi yakhe kwi-Uganda International Fashion Week.

“Le ndikimba ihambisana kahle kakhulu nohambo lwethu. Sizobe sigubha umthelela esiwushiya ngemisebenzi yethu. Imayelana nokulondoloza amasiko ethu, ukukhuthaza isizukulwane esilandelayo sabasunguli nokwakha uphawu oluzoqhubeka nokunika abantu amandla nasesikhathini esizayo. Ifa lakhiwa ngokungaguquguquki, ukwenza umsebenzi osezingeni eliphezulu kanye nezimpilo esizithintayo endleleni,” kusho uNkomo.

I-DFF ivulele abasiki bengqephu  amathuba

UMxolisi Mkhize we-House of Saint Luke uthi i-DFF yamvulela amathuba okwenza umkhiqizo wakhe waziwe, ukuthola amathuba amabhizinisi kanye nezikhangiso.

Usewine kabili umklomelo we-DFF Best Menswear Collection, wahlonishwa ngokubamba iqhaza iminyaka engaphezu kweyishumi, waphinde wakhombisa umsebenzi wakhe eCôte d’Ivoire.

UZama Gumede we-Zaviar Fashion House, ophinde abe ngomunye wabasunguli be-The Fifth eseGlenwood Village, uthi i-DFF yamnika inkundla yokwethula iqoqo lakhe lokuqala lezingubo.

Lolu hlelo lwaphinde lwamnika amathuba okuhambela amazwe omhlaba, ukuhlangana nabathengi nokwakha isibalo samakhasimende athembekile. Ngo-2019 waqokwa njenge-Durban Designer of the Year.

Uhambo lwalaba basiki bengqephu lukhombisa ukudluliselwa kwenduku yobuciko isuka kwesinye isizukulwane iye kwesilandelayo.

Kuzobonisa abasiki bengqephu ababalelwa kuma-84

Babalelwa kuma-84 abasiki bengqephu abazokhombisa imisebenzi yabo phakathi nalezi zinsuku ezintathu. Imibukiso izoqala ngo-18h00, ngo-19h00, ngo-20h00 nango-21h00.

Amathikithi abiza:

  • U-R120 wombukiso ngamunye
  • U-R250 wephasi losuku lonke
  • U-R500 wephasi lezinsuku ezintathu

Imigubho izophothulwa ngama-Durban Fashion Fair Recognition Awards mhla ziyi-19 kuMandulo. Abasiki bengqephu abenze kahle bazothola amasheke okuthenga amathuluzi okuthuthukisa amabhizinisi abo nokwandisa umkhiqizo.

USihlalo weKomidi lezokuThuthukiswa koMnotho nokuHlela kuMasipala waseThekwini, uKhansela Thembo Ntuli, uthe uMasipala usazibophezele ekukhuliseni umkhakha wezemfashini ngokuqeqeshwa kwamakhono, ukuvula izimakethe, ukuxhasa ngezimali nangamathuluzi kanye nokweluleka abasiki bengqephu.

Uthe lokhu kuzosiza ekukhuthazeni abantu ukuba bazisebenze kanye nasekuvuleni amathuba emisebenzi.

Imininingwane yamathikithi

Amathikithi emibukiso ye-DFF ayatholakala kwa-Webtickets, ezitolo zakwa-Pick n Pay nakwa-Boxer.

Umphakathi ungalandela ikhasi elithi @Durban Fashion Fair kuzo zonke izinkundla zokuxhumana.

Ikhishwe uphiko lwezokuMaketha nokuXhumana kuMasipala waseThekwini.

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *