UMashatile uncome yethimba likaMengameli elibheke izinselelo zentuthuko eThekwini

ISITHOME – ISekela likaMengameli waseNingizimu Afrika, uPaul Mashatile, lincome inqubekelaphambili eseyenziwe yiPresidential eThekwini Working Group (PeWG), okuyithimba elisungulelwe ukubhekana nezinselelo eziphazamisa ukulethwa kwezidingongqangi, ukuthuthukiswa kwengqalasizinda kanye nokukhula komnotho kuMasipala weTheku.

SHEILA MHLNGO

Lokhu kulandela umhlangano obuphakathi kukaMashatile naleli thimba ngoLwesihlanu, mhla zingama-23 kuOkthoba 2026, eHholo leDolobha laseThekwini, KwaZulu-Natal.

Kulo mhlangano, iSekela likaMengameli lethulelwe umbiko ngenqubekelaphambili eseyenziwe, izinselelo ezisasele kanye nezinyathelo ezihlongozwayo esigabeni sesibili somsebenzi waleli thimba.

UMashatile uzwakalise ukwaneliseka ngohlelo oluhlanganisiwe lokusebenza olwethuliwe kanye nenqubekelaphambili eseyenziwe emikhakheni ehlukahlukene.

Uphinde wabonga ithimba ngombiko oveze ukuthi yimiphi imiklamo esihamba kahle, yimiphi ebambezelekile nokuthi yiziphi izindawo ezidinga ukungenelela okuphuthumayo noma izinqumo ezibalulekile zabaholi.

“Ngithanda ukuncoma ithimba ngezethulo zalo. Lisinikeze isithombe esicacile senqubekelaphambili eseyenziwe, izinselelo ezisasele kanye nezinto ezibalulekile ezisadinga ukuthi sisebenzisane ukuze sizixazulule,” kusho uMashatile.

UMASHATILE UGQAMISA UKUBALULEKA KOKUVUSELELWA KWENKABA YEDOLOBHA

UMashatile ugcizelele ukuthi ukuba nenkaba yedolobha ephilayo, ephethwe kahle, ehlanzekile futhi eyamukela izivakashi kuzothumela umyalezo oqinile wokuthi iTheku likulungele ukwamukela amabhizinisi nabatshalizimali.

Uthe idolobha elinjalo lingaba negalelo elikhulu ekukhuliseni umnotho ngendlela ezohlomulisa zonke izakhamuzi.

KUNENQUBEKELAPHAMBILI EMISEBENZINI EYISISHIYAGALOMBILI

Ongomunye wosihlalo bePresidential eThekwini Working Group, uMichael Mabuyakhulu, uthe leli thimba seliyenze inqubekelaphambili emikhakheni yokusebenza eyisishiyagalombili.

Phakathi kwezinto esezifeziwe kubalwa ukuhlinzekwa kwezindlu emindenini eyakhahlanyezwa yizikhukhula, ukulungiswa kwengqalasizinda eyalimala, ukuqiniswa kokusebenzisana phakathi kweminyango kahulumeni kanye nokwesekwa okuvela ezinkampanini ezizimele.

UMabuyakhulu uthe isigaba sesibili somsebenzi waleli thimba sizogxila kakhulu ekuthuthukisweni komnotho ngaphansi komkhakha wesishiyagalombili, owaziwa nge-Workstream 8, ngokusebenzisa amathimba amane azogxila ekungeneleleni ezindaweni ezithile.

“Isivivinyo sangempela ukuthi siyazixazulula yini izinkinga ezithinta izimpilo zabantu futhi ezivimbela ukukhula komnotho. Umsebenzi wethu ukuqinisekisa ukuthi lokho esikwenzayo kuhulumeni kuba nomehluko obonakalayo futhi ozwakalayo ezimpilweni zabantu,” kusho uMabuyakhulu.

ZISEKHONA IZINSELELO ZAMANZI NENGQALASIZINDA

UMabuyakhulu uthe nakuba kunenqubekelaphambili, kusekhona izinkinga osekunesikhathi eside zikhona ezidinga ukuxazululwa.

Phakathi kwazo kubalwa ukulahleka kwamanzi angangenisi mali kumasipala, okubandakanya ukuvuza kwamapayipi nezinye izinkinga zohlelo lwamanzi, kanye nesidingo sokuthuthukiswa kwesikhathi eside koMsele waseMlazi.

Kukhona nezinkinga eziphathelene nemisebenzi kahulumeni engabelwanga izimali ezanele, ingqalasizinda yokuskena impahla echwebeni kanye nezakhiwo ezinezinkinga ngaphakathi kwedolobha.

Uthe kuyaqhubeka nemizamo yokuhlanganisa izinto eziseqhulwini kuleli thimba nohlelo lukahulumeni olubizwa nge-District Development Model, ukuze intuthuko eseyenziwe iqhubeke ngaphansi kwezikhungo zikahulumeni ezinomsebenzi wokuletha izidingongqangi.

EZOKUVAKASHA ZISENGUMGOGODLA WOMNOTHO WETHEKU

IMenenja yeDolobha laseThekwini, uMusa Mbhele, ithe umkhakha wezokuvakasha usalokhu ungomunye wemikhakha ebaluleke kakhulu ekukhuliseni umnotho wedolobha.

UMbhele uthe ezokuvakasha zisiza ekudaleni nasekusekeleni izinkulungwane zamathuba emisebenzi, ziphinde zisekele amabhizinisi amancane.

“Ezokuvakasha zisalokhu zineqhaza elikhulu emnothweni weTheku. Zeseka izinkulungwane zemisebenzi, zigcina amabhizinisi amancane eqhubeka futhi zikhombisa ukuthi iTheku liyindawo ehamba phambili kwezokuvakasha,” kusho uMbhele.

Uthe ukuqhubeka kokufika kwezivakashi kanye nokusingathwa kwemicimbi eyahlukene kukhombisa ukuthi izivakashi zakuleli nezamazwe omhlaba zisenethemba ngeTheku.

Ugcizelele ukuthi umasipala uzimisele ukuqhubeka nokwakhela phezu kwaleyo nqubekelaphambili.

UMASIPALA UZIBOPHEZELE EKUTHUTHUKISENI UKULETHWA KWEZIDINGONGQANGI

UMbhele uphinde waqinisekisa ukuthi ubuholi boMasipala weTheku busazimisele ukwenza ngcono ukulethwa kwezidingongqangi kuzo zonke izindawo ezingaphansi kwawo.

Uthe lokhu kubandakanya amalokishi, izindawo zasemakhaya, inkaba yedolobha kanye nezindawo zezimboni.

“Ubuholi bedolobha busazimisele ngokugcwele ukuthuthukisa ukulethwa kwezidingongqangi kuzo zonke izingxenye zeTheku, kusukela emalokishini nasezindaweni zasemakhaya kuya enkabeni yedolobha nasezindaweni zezimboni,” kusho uMbhele.

Uthe ngokusebenzisana nabalingani babo kwiPeWG, bazoqhubeka nokubeka eqhulwini ukuhlinzekwa kwamanzi ngendlela ethembekile, ukuthuthwa kwendle, ukunakekelwa kwengqalasizinda kanye nokuqinisekisa ukuthi idolobha lihlanzekile futhi liphephile.

Ugcizelele ukuthi lezi zinto ziyisisekelo sokwakha idolobha lapho izakhamuzi zingaphila khona kangcono, nabatshalizimali bakwazi ukuqhuba amabhizinisi ngokuzethemba.

LASUNGULELWA UKUBHEKANA NEZINSELELO EZIPHUTHUMAYO ETHEKWINI

Umsebenzi wePresidential eThekwini Working Group uhambisana nemizamo eholwa yiSekela likaMengameli uMashatile, ongusihlalo weKomidi Longqongqoshe elibhekele ukulethwa kwezidingongqangi, elaziwa nge-Inter-Ministerial Committee on Service Delivery.

Leli thimba lasungulwa kulandela izingxoxo phakathi kukaMengameli Cyril Ramaphosa neDurban Chamber of Commerce and Industry.

Inhloso yokusungulwa kwalo kwakuwukubhekana nezinkinga eziphuthumayo ezikhungethe iTheku, okubalwa kuzo ukuphazamiseka kokuhlinzekwa kwamanzi, ingqalasizinda esigugile, ukwehla komsebenzi wezokuvakasha, ubugebengu kanye nokungasebenzi kahle kwezinhlelo echwebeni.

Ukusebenzisana phakathi kukahulumeni, umasipala nezinkampani ezizimele kubhekwa njengendlela ebalulekile yokusheshisa ukuxazululwa kwalezi zinselelo nokubuyisela ukuzethemba kosomabhizinisi nabatshalizimali eThekwini.

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *