

UMengameli waseNingizimu Afrika, uCyril Ramaphosa, ngesikhathi ethula ngokusemthethweni inqubekelaphambili yohlelo lokwakhiwa kwezindlu iCornubia Integrated Human Settlements Project eThekwini, mhla zingama-29 ku-Okthoba 2026.
UMengameli waseNingizimu Afrika, uCyril Ramaphosa, ugcizelele ukuzibophezela kukahulumeni ekuqinisekiseni ukuthi imindeni eyalahlekelwa yimizi yayo ngesikhathi sezikhukhula ezahlasela KwaZulu-Natal ngo-2022 ithola izindlu ezisezingeni elifanele, eziphephile nezizohlala isikhathi eside.
URamaphosa ubekhuluma emcimbini wokugubha inqubekelaphambili yohlelo lweCornubia Integrated Human Settlements Project, obubanjelwe eCornubia, eThekwini, ngoLwesine, zingama-29 ku-Okthoba 2026.
Lo mcimbi ubuhanjelwe nguNdunankulu waKwaZulu-Natal, uThami Ntuli, uNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu, uThembi Simelane, uNgqongqoshe wezokuThutha nezokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, uSiboniso Duma, kanye neMeya kaMasipala waseThekwini, uKhansela Cyril Xaba.
Bekukhona namakhosi, abamele amaqembu ezepolitiki, izinhlangano zomphakathi, abaholi bezenkolo kanye nezakhamuzi zaseCornubia.
ICornubia iletha ithemba elisha emindenini eyakhahlanyezwa yizikhukhula
Ekhuluma nezakhamuzi, uRamaphosa uthe intuthuko yaseCornubia ayigcini ngokwakhela abantu izindlu kuphela, kodwa imele ithemba, ukubuyiselwa kwesithunzi kanye nesiqalo esisha emindenini eyalahlekelwa yikho konke ngesikhathi sezikhukhula zango-2022.
“Ngiyajabula kakhulu ukuba lapha nomphakathi waseCornubia. Le ndawo ingaphezu nje kwendawo yokuhlala yabantu bethu. Imele intuthuko nethemba,” kusho uRamaphosa.
Uthe izikhukhula ezahlasela KwaZulu-Natal zashiya imindeni eminingi ingenamakhaya, yaphoqeleka ukuba iyohlala ezikhungweni zesikhashana ezazisungulwe uhulumeni ukusiza abantu ababengenandawo yokuhlala.
Ngemva kwezikhukhula, imindeni yahlaliswa ezikhungweni zokunakekela abantu abaningi, ngaphambi kokuba ithuthelwe ezindaweni zokuhlala zesikhashana.
UMengameli uthe impilo kulezi zikhungo ibinzima ngenxa yokuminyana kwabantu, ukungabi seduze kwezithuthi zomphakathi kanye nobunzima obabubhekene nabafundi ababephoqeleka ukuhamba amabanga amade beya ezikoleni.
Uthe lokhu kwaphoqa uhulumeni ukuba afune izixazululo zesikhathi eside ezizoqinisekisa ukuthi imindeni ethintekile ithola amakhaya ayo unomphela.
Kuzokwakhiwa izindlu ezingama-460 ngaphambi kwamaphakathi no-2027
URamaphosa umemezele ukuthi uhlelo lweCornubia Housing Development luhlonzwe nguHulumeni waKwaZulu-Natal njengengxenye yezixazululo zokuhlalisa kabusha imindeni eyalahlekelwa yimizi yayo.
Kulo mcimbi, uhulumeni unikezele ngezindlu emindenini eminingi ebihlala ezindaweni zesikhashana.
UMengameli uphinde wethula isigaba sesibili salolu hlelo, iPhase 2, lapho sekuqhubeka khona ukwakhiwa kwezinye izindlu eziyi-145.
Ngokohlelo lukahulumeni, kulindeleke ukuthi kube sekuqediwe ukwakhiwa kwezindlu ezihlala unomphela ezingama-460 ngaphambi kwamaphakathi nonyaka wezi-2027.
Uthe sekunentuthuko enkulu eseyenziwe eminyakeni emine edlule ekuthuthelweni kwabantu abalahlekelwa yimizi yabo ezindaweni zokuhlala eziphephile.
Ngaphandle kwaseCornubia, uhulumeni usewakhe nezinye izindlu ezindaweni ezahlukene KwaZulu-Natal ukuze kuhlaliswe imindeni eyathinteka ezikhukhuleni.
“Ukuhlala ezindaweni zesikhashana akumele kugcine sekuyindlela yokuphila unomphela. Inhloso yethu yokugcina kumele kube ukuhlinzeka abantu ngezindlu ezibuyisela isithunzi sabo,” kugcizelela uRamaphosa.
Bangaphezu kwezigidi ezinhlanu asebehlomule ngamathuba ezindlu kusukela kwafika intando yeningi
UMengameli uthe unyaka wezi-2026 ubalulekile njengoba iNingizimu Afrika igubha iminyaka engama-30 kwamukelwa uMthethosisekelo wezwe, oqinisekisa ilungelo lawo wonke umuntu lokuthola indawo yokuhlala efanele.
Uthe kusukela kwafika intando yeningi ngo-1994, uhulumeni usuhlinzeke ngamathuba ezindlu angaphezu kwezigidi ezinhlanu.
Ngokwezibalo zokubalwa kwabantu, isibalo semindeni ehlala ezindlini ezisemthethweni senyuke sisuka kumaphesenti angama-65 ngo-1996 saya ngaphezu kwamaphesenti angama-88 ngo-2022.
URamaphosa uthe mancane amazwe emhlabeni asekwazile ukuhlinzeka abantu bawo ngezindlu ngezinga elifana naleli.
Nokho, uvumile ukuthi isidingo sezindlu sisikhulu kakhulu njengoba abantu abacishe babe yizigidi ezine besabhaliswe ohlwini lukazwelonke lwabadinga izindlu.
Uthe ukwanda kwesibalo sabantu kanye nokuthutheleka kwabantu emadolobheni kuqhubeka nokwandisa ingcindezi kuhulumeni yokwakha izindawo zokuhlala ezifanele.
Izindlu kumele zakhiwe eduze kwamathuba emisebenzi nezidingo zomphakathi
URamaphosa uvumile ukuthi ezinye zezindlu ezakhiwa eminyakeni yokuqala yentando yeningi zazakhiwe kude nezindawo zemisebenzi, izikole, izikhungo zezempilo kanye nezithuthi zomphakathi.
Uthe lokhu kwadala ubunzima kubantu abasebenzayo, abaphoqeleka ukusebenzisa imali eningi nesikhathi eside behamba beya emisebenzini.
UMengameli ugcizelele ukuthi uhulumeni akumele agxile ekwakheni izindlu kuphela, kodwa kumele akhe izindawo zokuhlala ezihlanganisa zonke izidingo zomphakathi.
Lokhu kubandakanya izindlu, izikole, imitholampilo, izitolo, amapaki, izindawo zokuzijabulisa kanye nezithuthi zomphakathi.
Uthe izindawo zokuhlala ezihlelekile kufanele zihlanganise abantu abanamazinga ehlukene emali engenayo, ukuze kwakhiwe imiphakathi ebumbene nenamathuba alinganayo.
“Izindawo zokuhlala ezihlanganisa zonke izidingo zomphakathi zinciphisa isikhathi nemali esetshenziswa abantu ukuya emisebenzini. Zakha imiphakathi ephilayo, hhayi nje izindawo ezinezindlu kuphela,” kusho uRamaphosa.
Uhulumeni ufuna ukuqeda umthelela wokuhlelwa kwezindawo ngesikhathi sobandlululo
URamaphosa uphinde wagcizelela ukuthi izinhlelo ezintsha zokuhlaliswa kwabantu kufanele zilungise umonakalo owadalwa yimithetho yobandlululo, eyaphoqa abantu abamnyama ukuba bahlale ezindaweni ezikude namadolobha namathuba omnotho.
Uthe ukuhlelwa kwezindawo zokuhlala ngendlela efanele kubalulekile ekuqedeni ukungalingani nasekuqinisekiseni ukuthi zonke izakhamuzi zithola amathuba angcono okuthuthukisa izimpilo zazo.
Uhlelo lweCornubia luyingxenye yemizamo kahulumeni yokwakha imiphakathi ehlanganisiwe, lapho abantu bezokwazi ukuhlala eduze kwezindawo zokusebenza, izikole kanye nezinye izidingo ezibalulekile.
URamaphosa uhlole nesikhungo sabasinde ezikhukhuleni eMontclair
Njengengxenye yohlelo lwakhe lokuvakashela eThekwini, uMengameli Ramaphosa, ehambisana nabaholi bakahulumeni, uphinde wavakashela isikhungo sikahulumeni iMontclair Emergency Accommodation Centre.
Lesi sikhungo sasungulelwa ukuhlinzeka ngendawo yokuhlala yesikhashana emindenini eyalahlekelwa ngamakhaya ngenxa yezikhukhula eziphindaphindayo nezinye izinhlekelele.
Ukuvakasha bekuhloswe ngakho ukuhlola isimo sezindawo zokuhlala zesikhashana kanye nenqubekelaphambili yezinhlelo zokuthuthela imindeni ezindlini eziphephile nezizohlala unomphela.
Uhlelo lweCornubia luqhubeka nokuba yingxenye ebalulekile yemizamo kahulumeni yokubuyisela isithunzi kubantu abalahlekelwa yikho konke ngenxa yezinhlekelele zemvelo, nokwakha imiphakathi enekusasa elingcono.
Umthombo: Inkulumo kaMengameli Cyril Ramaphosa emcimbini weCornubia Integrated Human Settlements Project, kanye nolwazi olukhishwe uPhiko lwezokuXhumana nokuMaketha kuMasipala waseThekwini.

