U-Rozar uhlanganisa umculo namabhizinisi ukuvula amathuba kosomabhizinisi nabaculi

Umculi waseNingizimu Afrika, umbhali wezingoma, u-DJ nomsunguli wenkampani iRosebud Media, uSapokazi Pokwana, odume ngelika-ROZAR kwezomculo

SHEILA MHLONGO

Umculi waseNingizimu Afrika, umbhali wezingoma, u-DJ nomsunguli wenkampani iRosebud Media, uSapokazi Pokwana, odume ngelika-ROZAR kwezomculo, ukhombisa ukuthi ikhono lomculi lingadlulela ngalé kokunandisa esiteji, libe yisisekelo sokwakha amabhizinisi nokuvulela abanye amathuba.

Lo mculi ongowokuzalwa eButterworth, e-Eastern Cape, usezakhele igama emikhakheni yezomculo, ukudansa, ezokuxhumana nokuhlela imicimbi, ngaphansi kwesiqubulo sakhe esithi #MoreThanMusic – Okungaphezu Komculo.

Umculo wakhe uhlanganisa izinhlobo ezahlukene okubalwa kuzo iHouse, iNeo Soul neTrap Soul, kanti ngakwezebhizinisi ugxile ekuxhumaniseni abaculi, osomabhizinisi nabanye abantu abasemikhakheni yezobuciko.

IMINCILI – ISIQALO SOHAMBO LWAKHE KWEZOMCULO

Ngo-2020 u-ROZAR wakhipha iphrojekthi yakhe yokuqala njengomculi ozimele esihloko sithi IMINCILI, eyaba yisisekelo sokuzakhela igama embonini yezomculo.

“I-IMINCILI yilapho ngathola khona izwi lami njengomculi. Konke esengikwakhile kusukela lapho, esiteji nangaphandle kwaso, kwaqala ngale phrojekthi,” kusho u-ROZAR.

Ngawo lowo nyaka wabamba iqhaza engomeni ethi LABAFANA yabaculi iDbn Nyts noZiqo. Muva nje usebenzisane noDIMAHR engomeni ethi PROGRAM, etholakala kwi-albhamu kaDIMAHR ka-2026 eqokelwe izindondo zeSouth African Music Awards (SAMA32).

Umculo wakhe othi IMINCILI uyatholakala ezinkundleni zomculo okubalwa kuzo i-Apple Music neSpotify.

U-ROZAR UZOVULA AMATHUBA OKUXHUMANA KOSOMABHIZINISI NGOSUKU LWEZITHANDANI

Njengengxenye yokukhulisa igalelo lakhe kwezamabhizinisi, u-ROZAR, ngenkampani yakhe iRosebud Media, uzophatha umcimbi wesibili obizwa nge-Mixing Business With Brunch – The Crème de la Crème Experience, ozokuba mhla ziyi-14 kuNhlolanja 2027, okuwusuku lwezithandani (Valentine’s Day).

Lo mcimbi uhlose ukuhlanganisa osomabhizinisi, abaculi, abasemikhakheni yezobuciko, abagqugquzeli ezinkundleni zokuxhumana kanye nochwepheshe bemikhakha eyahlukene, ukuze babelane ngemibono, bakhe ubudlelwano futhi bathole amathuba amasha okusebenzisana.

“Ngasungula iMixing Business With Brunch ngoba ngikholelwa ukuthi amathuba amahle aqhamuka ezingxoxweni zangempela phakathi kwabantu. Yindawo lapho ubuciko namabhizinisi kuhlangana khona etafuleni elilodwa,” kusho u-ROZAR.

IMINININGWANE YOMCIMBI

  • Usuku: NgeSonto, mhla ziyi-14 kuFebhuwary 2027
  • Isikhathi: 11:00 ekuseni
  • Indawo: Life Grand Café Waterfall
  • Umphathi womcimbi: U-ROZAR
  • Abahleli: Rosebud Media
  • Imibala yokugqoka: Cream, Pink kanye neNude
  • Amathikithi: R400 umuntu ngamunye
  • Ukuthenga amathikithi: www.howler.co.za/MBWB2026

NGEROSEBUD MEDIA

IRosebud Media yinkampani eyasungulwa nguSapokazi Pokwana, egxile ekuphathweni kwabaculi, ukuqoshwa nokukhishwa komculo, ukuhlelwa kwemicimbi, ezobudlelwano nomphakathi, ukubhukhelwa kwabaculi imisebenzi kanye nokuhlinzekwa ngezinsiza zezobuciko nezokuxhumana.

U-ROZAR uphinde abe namava emkhakheni wezobudlelwano nomphakathi, njengoba eseke wasebenza neSouth African Music Awards (SAMAs).

Uhambo lwakhe luyisibonelo sokuthi amakhono kwezobuciko angasetshenziswa ukwakha amabhizinisi, ukuvula amathuba amasha nokukhuthaza ukubambisana phakathi kwabantu abasemikhakheni eyahlukene.

IMINININGWANE YOKUXHUMANA

  • Ucingo: 067 242 4600
  • Email: hello.rozar@rosebudmedia.co.za
  • Website: www.rosebudmedia.co.za
  • Facebook: ROZAR
  • Instagram: @ROZAR_OFFICIAL
  • TikTok: @ROZAR_MORETHANMUSIC
  • YouTube: ROZAR More Than Music

Umthombo: Rosebud Media, 25 kuLwezi 2026.

UMBUZO KUBAFUNDI BE-KZN NAMUHLA: Ngabe ucabanga ukuthi abaculi bakuleli kufanele basebenzise udumo namakhono abo ukusungula amabhizinisi nokuvulela abanye amathuba emisebenzi?

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *