Kungani ivoti ngalinye libalulekile okhethweni loHulumeni baseKhaya

Isakhamuzi sakuleli silungisela ukuyofaka ivoti laso

Ibhalwe nguNeo Semono | SAnews.gov.za

Njengoba abantu baseNingizimu Afrika belungiselela ukuya ezikhungweni zokuvota ngoLwesithathu, mhla zizi-4 kuNovemba 2026, isinqumo esibhekene nabavoti ababhalisiwe singaphezu kokumane bafake uphawu ephepheni lokuvota. Kuyithuba lokuba nomthelela ezinqumweni ezithinta impilo yemiphakathi yansuku zonke, kusukela ekuhlinzekweni kwamanzi nogesi kuya ekuthuthweni kwendle nasekuthuthukisweni kwezindawo zasemakhaya nasemadolobheni.

“Wonke amavoti abalulekile, nakuba lokhu kungase kuzwakale njengenkulumo eseyijwayelekile, ikakhulukazi kulesi sikhathi sezombusazwe lapho amaqembu ebambisana khona ukwakha ohulumeni. Akudingeki ukuthi uvumelane nakho konke okushiwo noma okumele iqembu lezombusazwe ukuze ulivotele. Empeleni, akuvamile ukuthi umuntu avumelane nakho konke okushiwo yiqembu aliv otelayo,” kusho uKate Tissington, umcwaningi omkhulu ePublic Affairs Research Institute (PARI), ekhuluma ne-SAnews.gov.za.

I-PARI iyisikhungo socwaningo sase-Afrika esingenzi nzuzo, esisebenzisana neNyuvesi yaseJohannesburg kanye neNyuvesi yaseWitwatersrand (Wits).

Lesi sikhungo senza ucwaningo futhi sigqugquzele izinguquko eziphathelene namandla kahulumeni okufeza imisebenzi yakhe, ukuphathwa kahle kwezindaba zomphakathi, ukuziphendulela kwabaphethe kanye nobudlelwano phakathi kukahulumeni nomphakathi.

Konke sekumi ngomumo njengoba iNingizimu Afrika ilungiselela ukhetho lwayo lwesikhombisa loHulumeni Basekhaya, kanti izikhungo zokuvota kulindeleke ukuthi zivulwe ngehora lesi-07:00 ekuseni.

Kungani Kubalulekile Ukuvota?

Isigaba se-19 soMqulu Wamalungelo akuMthethosisekelo waseNingizimu Afrika siqinisekisa zonke izakhamuzi ilungelo lokubamba iqhaza okhethweni olukhululekile, olunobulungiswa nolubanjwa njalo ngezikhathi ezinqunyiwe.

UMthethosisekelo uphinde uhlinzekele uhlelo lukahulumeni wentando yeningi olunamaqembu ezombusazwe amaningi, futhi unikeze iKhomishini Yokhetho Ezimele (IEC) umsebenzi wokuphatha ukhetho nokuqinisekisa ukuthi lukhululekile futhi lunobulungiswa.

“Ungavotela amaqembu ahlukene kanye nabangenele ukhetho abahlukene uma ubona ukuthi lokho kuyahambisana nezifiso zakho. Ukuhlukanisa amavoti akho phakathi kwamaqembu kuyilungelo lakho lentando yeningi,” kuchaza uTissington.

Ngokwesizindalwazi seKhomishini Yokhetho, ukuvota kunikeza umuntu ithuba lokubamba iqhaza ekuthathweni kwezinqumo ezithinta impilo yakhe kanye nekusasa lezwe.

IKhomishini ithi abantu abangavoti bashiyela labo abavotayo amandla okuthatha izinqumo ezizothinta izimpilo zabo.

Iphinde yagcizelela ukuthi ukhetho lunemiphumela, futhi izakhamuzi zinamandla okunquma uhlobo lwempilo ezifuna ukuyiphila, impilo yemiphakathi yazo kanye neyezizukulwane ezizayo.

“Ukuvota kuyithuba lakho lokumela izinto ozikhathalelayo. Lena impilo yakho, ngakho zinike isikhathi sokubamba iqhaza ekunqumeni ukuthi yini engcono kakhulu.

“Ukuvota, kunokumane ukhononde ezinkundleni zokuxhumana noma ubhikishe, kuyindlela engcono kakhulu yokwenza izwi lakho lizwakale nokuba negalelo elihle ezindabeni ezikukhathazayo,” kusho iKhomishini.

I-IEC yengeze ngokuthi ukungavoti kusho ukudela ithuba lokuzwakalisa izwi lakho.

Ukuvota kuphinde kunikeze izakhamuzi ithuba lokukhetha ukuthi imali yentela eziyikhokhayo kufanele isetshenziswe kanjani, okubandakanya ukuxhasa izinsiza zomphakathi, ezempilo kanye nezemfundo.

Intando yeningi isebenza kahle lapho abantu bebamba iqhaza, kanti ukuvota kunikeza ithuba lokuletha ushintsho.

“Uma ucabanga ukuthi njengamanje unezinye izinto ezingcono ongazenza ngesikhathi sakho, bese uthi uzovota ngokuzayo, cabanga futhi! Iminyaka emihlanu yisikhathi eside kakhulu sokuphila ngaphansi kwesimo ongasifuni noma esingasebenzi kahle,” kusho iKhomishini.

Ukhetho loHulumeni Basekhaya lubanjelwa ukukhetha amakhansela azosebenza komasipala, okubandakanya omasipala bamadolobha amakhulu, omasipala bezifunda kanye nomasipala bendawo.

“Ukhetho loHulumeni Basekhaya lubaluleke kakhulu ngoba luthinta ngqo izimpilo zethu kanye nenhlalakahle yethu yansuku zonke,” kusho uTissington.

Yini Okufanele Abavoti Bayicabange Ngaphambi Kokuvota?

UTissington uveze ukuthi izakhamuzi eziningi sezikhungathekile ngenxa yokungagculisi kokulethwa kwezidingongqangi.

Uthe abavoti kufanele babheke ukuthi amaqembu ezombusazwe athembekile yini nokuthi ahlela kanjani ukuthuthukisa ukusebenza komasipala esikhathini esizayo.

“Abavoti kufanele babheke ukuthi amaqembu ayakhuluma yini iqiniso ngokwehluleka kwawo esikhathini esedlule, nokuthi ayakwazi yini ukuchaza ngendlela ecacile ukuthi azokwenzani ngendlela ehlukile.

“Amaqembu ezombusazwe kanye nabangenele ukhetho lokuba ngamakhansela kufanele bachaze ngokuningiliziwe ukuthi bazoyithuthukisa kanjani imisebenzi yomasipala,” kuchaza uTissington.

Ukhetho loHulumeni Basekhaya lugxile ezindabeni ezithinta imiphakathi ngqo, okubandakanya ukuhlinzekwa kwamanzi, ukuthuthwa kwendle, ugesi, imigwaqo, ukuqoqwa kukadoti kanye nentuthuko yezindawo.

Abavoti baphinde bakhethe amakhansela ezigceme kanye nemikhandlu yomasipala.

Yini Elindeleke Emakhanseleni Ezigceme?

Umsebenzi wekhansela lesigceme ukubonisana nomphakathi mayelana nezidingo zawo nezinto okufanele zibekwe phambili, kanye nokumela izikhalo nezifiso zomphakathi emihlanganweni nasezinqumweni zomkhandlu kamasipala.

UTissington uthe kunezimfanelo ezibalulekile okufanele izakhamuzi zizibheke lapho zikhetha ikhansela lesigceme.

“Ezinye zezimfanelo okufanele sizibheke ekhaseleni lesigceme ukubona umuntu ozokwenza umsebenzi wakhe ngokwethembeka, ngokusobala nangokubeka phambili izintshisekelo zomphakathi.

“Sifuna amakhansela azohambela imihlangano, aphendule izikhalo zomphakathi ngesikhathi futhi axhumane kahle nezakhamuzi.

“Kufanele asekele amakomidi ezigceme futhi abikele imiphakathi njalo ngokusebenza komasipala,” kusho yena.

Ngaphezu kwalokho, amakhansela ezigceme angosihlalo bamakomidi ezigceme futhi kufanele aqinisekise ukuthi imihlangano ibanjwa njalo nokuthi la makomidi asebenza ngendlela efanele.

La makomidi abalulekile ngoba ayibhuloho elixhumanisa umphakathi nomasipala.

“Amakhansela ezigceme kufanele azise umphakathi ngezinqumo zomkhandlu futhi aqaphe ukusebenza kukamasipala.

“Lokhu kusho ukuthi amakhansela kufanele atholakale kalula, aphendule izikhalo zomphakathi futhi abandakanye izakhamuzi ezinhlelweni zokuhlela nasekuthathweni kwezinqumo zikamasipala.

“Kufanele asebenzise amavoti awo kanye namazwi awo emkhandlwini ukuze avikele futhi aqhubekisele phambili izintshisekelo zabantu ababamele,” kusho uTissington.

Bangaphezu Kwezigidi Ezingu-29 Abantu Ababhalisele Ukuvota

Njengoba kunabavoti abangaphezu kwezigidi ezingama-29 ohlwini lwabavoti, iNhlangano Yohulumeni Basekhaya yaseNingizimu Afrika (SALGA) isinxuse wonke umuntu obhalisele ukuvota ukuba abeke ukhetho oluzayo eqhulwini.

I-SALGA ikhuthaza izakhamuzi ukuba zisize ekukhetheni abaholi abathembekile, abanamakhono nabaziphendulelayo, abazoba negalelo ekwakheni ikusasa loHulumeni Basekhaya.

Ngaphezu kwalokho, embikweni omayelana namalungiselelo okhetho owethulwe eKomidini Longqongqoshe Elihlangene (IMC) elibhekele ukhetho loHulumeni Basekhaya, iKhomishini Yokhetho isanda kugcizelela ukuthi ilungiselela ukuthi bonke abavoti ababhalisiwe, okungamaphesenti ayi-100, bakwazi ukuphuma bayovota ngoSuku Lokhetho.

“Kulesi simo, i-IMC iyaqhubeka nokunxusa bonke ababambiqhaza ukuba baqhubeke nokugqugquzela bonke abavoti ababhalisiwe ukuba baphume baye ezikhungweni zokuvota ukuze bafake amavoti abo,” kusho iKomidi.

Okhethweni lokugcina loHulumeni Basekhaya olwabanjwa ngo-2021, isibalo sabavoti abaphuma bayovota sasingamaphesenti angama-45.86 kuphela.

UMengameli Ramaphosa Unxusa Intsha Ukuba Iphume Iyovota

UMengameli Cyril Ramaphosa wamemezela ngokusemthethweni ngo-Ephreli ukuthi ukhetho loHulumeni Basekhaya luzobanjwa mhla zizi-4 kuNovemba 2026, okuwusuku oluphinde lwamenyezelwa njengeholide lomphakathi.

UMengameli wenza lesi simemezelo emhlanganweni owandisiwe wePresidential Coordinating Council (PCC), owawubanjelwe e-Ekurhuleni.

Kulowo mhlangano, wagcizelela ukubaluleka kokwandisa isibalo sabantu abaphuma bayovota, ikakhulukazi intsha.

“Amaqembu amaningi ezombusazwe asevele ayaqinisekisa ukuthi axhumana nabavoti bawo kanye nabasekeli bawo, futhi akhuthaza abantu ukuba babhalisele ukuvota nokuthi baphume bayovota.

“Isibalo sabantu abaphuma bayovota sihlale siyinto ekhathaza amaqembu ezombusazwe kanye nombuso noma uhulumeni, ngoba uma bembalwa abantu abavotayo, siba nokukhathazeka okukhulu ngesimo sentando yeningi yethu.

“Umsebenzi wethu ukwandisa isibalo sabantu abaphuma bayovota, nokwenza ukuthi abantu abaningi ngangokunokwenzeka, ikakhulukazi intsha, baphume babhalise futhi bavote,” kusho uMengameli ngaleso sikhathi.

Njengoba sekuqalile ukuvota okukhethekile okuthatha izinsuku ezimbili, abavoti ababhalisiwe basenethuba lokubamba iqhaza okhethweni lwangoLwesithathu ukuze babe negalelo ezinqumweni ezizothinta imiphakathi yabo.

Akekho phakathi kwethu okufanele ahlale eceleni angazibandakanyi.

Umthombo: SAnews.gov.za

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *