Uhlelo lwe-Isukile luvuse ugqozi  entsheni yaseMaphephetheni

UMnyango Wezemidlalo, Ubuciko Namasiko KwaZulu-Natali uqhubeka nokuvula amathuba entsheni yasemakhaya ngokuthuthukisa amakhono kwezemidlalo, kwezobuciko nakwezamabhizinisi.

UMnyango Wezemidlalo, Ubuciko Namasiko KwaZulu-Natali, oholwa nguNgqongqoshe uMhlonishwa uMntomuhle Khawula, ubambe ngempumelelo uhlelo lwe-Isukile enkundleni yezemidlalo iMyeka Sports Field, eMaphephetheni, eduze kweDamu laseNanda, esigodini sezintaba eziyinkulungwane (Valley of a Thousand Hills), ngoLwesine, mhla zingama-29 kuMfumfu 2026.

Uhlelo lwe-Isukile lungolunye lwezinhlelo ezihamba phambili zoMnyango, okuhloswe ngalo ukuhlonza, ukukhulisa nokukhombisa amakhono abantu abavela emiphakathini ebikade ingenawo amathuba anele okuthuthukisa amathalente ayo, ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya.

Le ndawo yasemakhaya ibiphithizela ngenjabulo ngesikhathi abafundi nentsha abaqhamuka ezikoleni eziseduze bekhombisa amakhono abo emikhakheni eyahlukene.

Phakathi kwemidlalo ebikhona bekukhona ibhola likanobhutshuzwayo labafana namantombazane, imidlalo yesintu efana noMlabalaba neNcuva, kanye nezinkondlo.

Lolu hlelo luphinde lwavulela osomabhizinisi bendawo amathuba okukhangisa nokukhombisa imikhiqizo yabo, okubalwa kuyo izingubo eziklanywe endaweni kanye nemisebenzi yezandla, ngenhloso yokugqugquzela ukusungula izinto ezintsha nokuthuthukisa amabhizinisi asemakhaya.

Ekhuluma nentsha ebihambele lo mcimbi, uNgqongqoshe uKhawula uyikhuthaze ukuthi iwathathele phezulu amakhono ayo.

Ugcizelele ukuthi ezemidlalo nezobuciko akufanele zibhekwe njengezinto zokuzilibazisa kuphela, kodwa ziyizindlela ezingavulela abantu amathuba emisebenzi nokuziphilisa, ziguqule izimpilo zabo, zisize imindeni futhi zithuthukise imiphakathi.

Umcimbi uphinde wahlonishwa ngokuhambela kwezihlabani zakudala zeBafana Bafana, uDelron Buckley noThanduyise Khuboni.

Lezi zihlabani zikhuthaze intsha ngokwabelana ngezindaba zohambo lwazo kwezemidlalo, kusukela ekudlaleni ibhola emiphakathini kuya ekufinyeleleni ezingeni eliphezulu lokudlala ibhola elikhokhelwayo.

Zigqugquzele intsha ukuthi iziphathe kahle, igxile ezinhlosweni zayo futhi ingapheli amandla lapho ibhekana nezinselelo.

Njengengxenye yokuthuthukisa amakhono nokufukula umnotho emiphakathini, uMnyango uklomelise abenze kahle ngemiklomelo yemali, okubalwa kuyo nabasiki bengqephu abasafufusa.

Abanye abawinile baphinde bathola izimpahla zemidlalo, izinsimbi zomculo, izinto zokwenza ubuhlalu kanye nomshini wokuthunga.

Le miklomelo ihlose ukusiza abahlomulile ukuthi baqhubeke nokuthuthukisa amakhono abo, bakwazi nokusungula amabhizinisi azobasiza ukuthi baziphilise.

UMnyango ukuqinisekisile ukuthi uzoqhubeka nokuhambisa uhlelo lwe-Isukile kuzo zonke izingxenye zesifundazwe saKwaZulu-Natali, ngenhloso yokuletha amathuba, ithemba nentuthuko emiphakathini, ikakhulukazi kuleyo ebikade ingafinyelelwa kalula yizinhlelo zentuthuko.

Umthombo: UMnyango Wezemidlalo, Ubuciko Namasiko KwaZulu-Natali (KZN DSAC).

Izithombe: Sphamandla Mbhele – KZN DSAC.

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *