SAMUKELISIWE MBONAMBI
Umkhankaso we-Unemployment Insurance Fund’s (UIF) wokukhokhela ababengabasizi bothisha kanye nabasizi jikelele njengamanje uyaqhubeka esifundeni uMgungundlovu KwaZulu-Natali ngemuva kokukhipha u-R25.1 million esiFundeni saseZululand.
Umkhankaso uqale ngoMsombuluko mhla ziwu-23 kuMasingana 2023 waphothulwa mhla ziwu–27 kuMasingana wezi-2023.
Lo mkhankaso emasontweni amabili edlule ubusesiFundeni saseZululand lapho ucubungule khona wakhokha u-R25.1 million kwahlomula abangu-5886 kusukela mhla ziyisi-9-20 kuMasingana wezi-2023.
I-UIF iqale umkhankaso ngoNovemba 2022 esiFundeni saseMajuba lapho isikhwama sakhokha khona u-R7.7 million kwababengabasizi bothisha nabasizi jikelele abangu-1746. Idlulele eThekwini nasePinetown ngoDisemba 2022 lapho kwakhokhwa khona u-R28.8 million kwabahlomula abangu-6204.
Ngokomnyango, kuze kube manje sekukhokhwe izigidi ezingama-R76.2 kwabahlomulile abangu-17 095 bebeqashwe eziFundeni ezibalwe ngenhla.
“Amakhasimende afisa ukufaka izicelo zokuhlomula ayanxuswa ukuba eze nomazisi wawo noma amaphepha e-Passport, i-smartphone egcwele idatha, ipeni elimnyama kanye nobufakazi bemininingwane yasebhange esebenzayo,” kusho umnyango.
“Esontweni elilandelayo, i-UIF izokwandisa amandla omkhankaso esiFundazweni saKwaZulu-Natali lapho izothumela khona amathimba amabili ahlukene azosiza amakhasimende ngokushesha.
“Izinsuku nezindawo okuzokwenzelwa kuzo lokhu kuzomenyezelwa ngokuhamba kwesikhathi ezinkundleni zokuxhumana zeSikhwama nakwabezindaba,” kusho umnyango.

