Ukuhamba ngendiza kubalulekile ekukhuleni komnotho

SAMUKELISIWE MBONAMBI

UNgqongqoshe wezokuVakasha uPatricia De Lille uthi ukuhamba ngendiza nokuhweba ezimakethe zamazwe ngamazwe kuyinto ebalulekile ekukhuleni komnotho wezwe. Izwe lase Ningizimu Afrika lamukele indiza yokuqala esuka eChina iya eGoli ngoLwesithathu lapho izivakashi zifikela khona esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo International.

Ngonyaka odlule ka2022, ziningi izindiza    eziqondile ezethuliwe, njengendiza eqondile ye-United Airlines esuka eKapa iya eNewark e-US. Kuwona lonyaka izwe lingaphinde lilindele indiza ye-LATAM esuka e-Brazil iye e-OR Tambo International Airport engena ngaphansi kwezindiza eziqondile.

Ekhuluma kwi-Travel Africa Indaba e-Durban ICC ngoLwesibili olwedlule uNgqongqoshe De Lille uthe ukuhamba kwezindiza  eziqondile kukwenza kube lula kakhulu ukusuka eSouth Afrika uyekwamanye amazwe noma ususuka emazweni uza eSouth Afrika.

“Sonke siyazi ukuthi iChina iyimakethe ethembisa kakhulu eNingizimu Afrika, manje ngaphambi nje kwalolu bhubhane izwe lathola izivakashi ezicela ku-100 000 ezivela eChina futhi ngicabanga ukuthi kungenzeka ukuthi lesi sibalo siqhubeke ngonyaka ka-2030. Uma singafinyelela ekutholeni izivakashi ezingu- hundred billion nangaphezulu eChina  lokhu kunganciphisa kakhulu ukuntuleka kwemisebenzi.” Kuchaza uDe Lille.