THOBILE MBATHA
UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, uqhubekile nokuletha usizo emindenini nezingane ezidonsa kanzima ngesikhathi enikeza amakhulu omfaniswano wesikole ezinganeni eziswele KwaMashu.
Njengengxenye yokutshala imali ekusaseni lentsha kulesi sifundazwe, uNdunankulu uDube-Ncube mhlaka 28 Mashi unikele ngezimpahla zomfaniswano ezingaphezu kuka-200 ezihlanganisa ama-blazer, izingubo zokugqoka, amahembe, amabhulukwe, iziketi, amasokisi, izicathulo, amajezi nezikhwama zesikole ezinganeni zaseNqabakaZulu High, iGobhogobho Primary School, iKhethamahle Primary School kanye neDuduzani Primary School.
UNdunankulu uDube-Ncube uthe isifundazwe sesiyifezile inhloso yokuletha ukufinyelela kuwo wonke umuntu emfundweni futhi manje sesigxile ekuthuthukiseni izinga lemfundo nokulungiselela abafundi ikusasa lomsebenzi.
“Nakuba lolu hlelo sifuna yonke intsha yethu esesimeni esikahle sokuya esikoleni ikhumbule ukuthi imfundo ibalulekile ekuthuthukisweni kwabantu nomnotho okuzosiza ukuqeda ububha, ukuntuleka kwemisebenzi nokungalingani KwaZulu-Natal.
Sifuna futhi ukugcizelela ukuthi ayikho enye indlela ngaphandle kwemfundo njengendlela yokuthola impilo engcono ezosiza futhi ithuthukisa izinga lempilo yemiphakathi yethu. Sinxusa abantu abasha ukuthi bagxile ekufundeni, bahlukane nezidakamizwa nophuzo oludakayo balwele ukubamba iqhaza elibonakalayo ekukhuleni nasekuthuthukisweni kwesifundazwe sethu,” kusho uNdunankulu uDube-Ncube.

