NOMTHANDAZO MAGOSO noZETHU PHOSWA
Abafana baseClapham High School yaseNingizimu Afrika, bathwalise kanzima abafana baseC.S Ben Sekou Syla okuyisikole saseGuinee, ngesikhathi zibanga isicoco sokunqoba kumdlalo weConfederation of African Football, njengoba kuze kwaphela umdlalo belingana ngamagoli 1-1.
IClapham High School okuyisikole seSundowns ebimele iNingizimu Afrika ize yashaywa kumaphenathi, lapho IC.S Ben Sekou Syla ebimele iGuinee ibashaye ngo-5-4, okwenze abaseGuinee abathathe indebe yokuba ngabanqobi beCAF Kanye no$300,000, kwathi abasesikole saseNingizimu Afrika yalala isibili, yahlomula ngo$200,000 kwathi isikole iSalima Senior Secondary ebimele iMalawi yalala isithathu yamuka no$150,000.
Emantombazaneni amantombazane aseFountain Gate School yaseTanzania ihlule amantombazane ase-Ecole Omar Ibin Khatab baseMoroco ngegoli elilodwa eqandeni, amantombazane aseTanzania abe esenqoba akhala amuka nendebe yeCAF Kanye $300 000, kanti abaseMoroco balale isibili bathola no$200 000, iScan Aid yase Gambia yalala isthathu yamuka no$150.000
Lemidlalo iqale yadlalwa enkundleni zemidlalo iKing Zwelithini Stadium, kwathi imidlalo eyendulela amanqamu neyamanqamu yadlalelwa eSugar Ray Xulu eClermont.
Umdlalo ubudlala enkundleni ehhafuliwe, kudlala abadlali abayi-8, bekungabalwa ukuthi kushintshwa kangaki, ngenhloso yokunikeza abadlali ithuba lokuziveza.

