Usungakubhalisela ku-inthanethi ukuthola isitifiketi saMalusi esisha

SAMUKELISIWE MBONAMBI

Umalusi wethule ngokusemthethweni uhlelo olusha lwe-inthanethi lokufaka izicelo zezitifiketi ezilahlekile noma ezilimele. Umkhandlu kaMalusi, muva nje ube nenkundla ye-webinar ngaphansi kwendikimba ethi,‘Innovatively replacing your lost or damaged certificate issued by Umalusi’.

Uhlelo olusha lunciphise kakhulu isikhathi esithathwayo uma kushintshwa isitifiketi kanye nemali yezindleko yokushintsha isitifiketi  esilahlekile noma esilimele.

Ngemali engango-R137, umuntu angakwazi ukulanda isitifiketi sakhe esisha ku-Umalusi zingakapheli izinsuku ezimbili zokusebenza efake isicelo. Kungenjalo umuntu angakhokha u-R202, ohlanganisa u-R137 wesitifiketi kanye nemali engu-R65 yokuthumela ukuze isitifiketi sithunyelwe zingakapheli izinsuku ezingu-7 zokusebenza ekhelini lendawo lapho umuntu ehlala khona noma ngabe ikuphi eNingizimu Afrika.

Omunye owababekhona kwi-webinar uthe basebenzise uhlelo lwe-inthanethi lokufaka isicelo sesitifiketi esilahlekile futhi basithole ngesikhathi esibekiwe. Umkhakha wamanyuvesi usincomile lesi sinyathelo wathi ukuqinisekiswa kwemiphumela nge-inthanethi kuzosiza kakhulu ezikhungweni zemfundo ephakeme ngezikhathi zokubhalisa.

I-webinar ibihanjelwe yizikhulu zezinhlangano ezibambe iqhaza kwezemfundo eNingizimu Afrika, iBotswana Examinations Council (BEC) kanye ne-Kenya National Examinations Council (KNEC).

Uma ungomunye wabafisa ukufaka isicelo sesitifiketi esisha ungabhalisa ngokulandela le-link https://www.umalusi-online.org.za/ReplacementCertificate/ – SAnews.gov.za.