I-NYDA inxuswe ukuba ifake isandla entsheni yasemakhaya

SAMUKELISIWE MBONAMBI

USihlalo wekomidi le Women, Youth and Persons with Disabilities ePhalamende, uNkk Nonhlanhla Ncube-Ndaba, uthi iNational Youth Development Agency (NYDA) ingasifaka isandla ekulweni nokusetshenziswa kwezidakamizwa notshwala ngokusebenzisa izinhlelo zayo zokuthuthukisa intsha.  UNcube-Ndaba ukusho lokhu ngesikhathi evakashele amahhovisi e-NYDA esifundazweni iMpumalanga.

UNcube-Ndaba uthe nakuba iNYDA yenza kahle kodwa kumele iqinise ukuba khona kwayo ezindaweni zasemakhaya ukuze ihlenge intsha entulayo ekuhluphekeni, ezidakamizweni nasekuphuzeni utshwala.

“Intsha yasemakhaya iyaludinga usizo. Kubalulekile ukuthi iNYDA ifinyelele kuwo wonke umuntu futhi ingachithi isikhathi esiningi emahhovisi kodwa iye kubantu njengoba kuyiyona inhlangano engahlenga abantu abasha,” kusho uNcube-Ndaba.

USihlalo wengeze ngokuthi i-NYDA kumele ilwe kakhulu nokuthi ithuthukise intsha ephila nokukhubazeka njengoba ihlupheka kakhulu.

Ngesikhathi ikomidi livakashele intsha ethole ukwesekwa yisikhungo seNYDA lihlabeke umxhwele ngendlela amabhizinisi entsha aqhubeka ngayo lancoma iNYDA ngomsebenzi omuhle. Leli komidi liphinde lakhuthaza i-NYDA ukuthi ithole intsha eningi kwi Forestry, Agriculture neMining industries.