Abasebenzi bakaMasipala baqhuba umkhanksaso wokulungisa izindawo zomphakathi ku Ward 75

Abasebenzi bakaMasipala weTheku bebe phansi phezulu beqhuba umkhankaso we-Operation Good Hope omayelana nokulungisa izinto ezingekho esimeni esifanele kanye nalezo ezisuke zingasasebenzi kahle ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi kungaphazamiseki ukulethwa kwezidingo kubantu.

Indawo yase Merebank kuWard 75 kanye no 78 ingenye yezindawo abasebenzi abangaphansi kophiko lwe DSW begasele kuyo bafike balungisa amaphiyipi amanzi avuzayo, balungisa nama stormwater abevalekile, ukuthutha udoti, ukulungiswa komgwaqo, ukusikwa kotshani, kanye nokuqinisekisa ukugcinwa komthetho endaweni.