UMasipala weTheku usebenzisa i-Technology ukuhlanza iTheku

SHEILA MHLONGO
Ukulungisa izinkinga zokuvaleka kwamapayipi okuhambisa indle abasebenzi bakaMasipala weTheku sebeqale uhlelo lokusebenzisa itechnology ukuze bahlole ukuthi ngabe ukuphi umonakalo. Loluhlelo lusetshenziswe ngesikhathi kuqhutshwa umkhankaso weMother of All Clean-Up obuqhutshwa endaweni yase Pheonix, Inanda, Ntuzuma kanye naKwaMashu (Pink Area).kusukela ngomhlaka 19-25 April.
Lowo oyisikhulu esiphezulu esiphethe uPhiko lwe Area Based Management uMnu. Linda Mbonambi uthe ukuhanjiswa kwezidingo zomphakathi ikona okuhamba eqhulwini kuMasipala weTheku, okuyingakho bezama izindlela ezintsha ze-technology ukuze baphuthumise ukulungisa umonakalo kwingqalasizinda efana namapayipi okuhambisa indle, izintambo zikagesi kanye nokunye.
“Sisebenzisa indlela entsha ye-technology ukuzama ukulungisa izinkinga ezikhungethe ingqalasizinda ezifana nolayini bakagesi kanye namapayipi okuhambisa indle”.Kusho uMnu Mbonambi.
Eqhuba uMbonambi uthe, ithimba leWastewater Branch elingaphansi kwe- eThekwini Water and Sanitation lisebenzisa iClosed Circuit Television (CCTV) khamera ukuthola inkinga obekuyiyona ebihlupha iKwaMashu Shopping Centre, ngoba yona ikwazi ukubona ipopole indawo engu 40 metres lapho kusuke kunenkinga edinga ukulungiswa khona.
Ukhansela Nhlanhla Sibisi yena uzwakalise ukuncoma impela loluhlelo lokusebenza nge technology waphinde wancoma nokusebenzisana phakathi kweminyango ehlukene kuMasipala weTheku ngoba ikona okuletha impumelelo emsebenzini wokulethwa kwezidingo kubantu.