THAMI SHESHANE
Izakhamuzi zase Chesterville zivuke umbhejazane zashisa amathayi emgwaqeni u N2 Spagghetti Junction onguthelawayeka ngomsombuluko ntambama. Labateleki ebebethelwe ngezibonkolo kubikwa ukuthi bahlushwa ngugesi ngokusho kwamanye amalunga omphakathi yize okhulumela amaphoyisa e Durban Metro Police uMnu Boysie Zungu uthe bebengazi ukuthi yiziphi izimfuno ebezenziwa yilabantu kodwa isimo besiqashiwe nguphiko lwe Durban Metro.
Lababahlali bakhiphe ukuthukuthela kwabo ngokuthungela iloli ebelilayishe izimoto elishe langqongqa nazo. Amanye amalungu omphakathi asepotshoze ukuthi emva kwaloluthuthuva ugesi abebekhala ngawo ube usukhanya ngemuva kokuvala lomgwaqo omatasatasa. Umonakalo odalekile asikakawazi ngesikhathi sokushicilela.