UMnyango wezokuThutha kuzwelonke usubike ukuthi kuza ushintsho mayelana nezincwadi zokushayela. Ngokwesitatimende esithunyelwe abezindaba sithi, uMnyango usebenza kanzima ukuphuthumisa loluhlelo lokukhipha izincwadi zokushayela (Drivers Licence)lapho lezincwadi zingeke zisaba ikhadi (drivers licence card).
Ngokombiko wezimali ka 2023/24 uMnyango uthi uzophuthumisa uhlelo oluzokwenza kube lula futhi kusheshe ukukhishwa kwezincwadi zokushayela ezweni futhi okungenzeka kube isikhathi eseluliwe ngaphezu kwalesi esiyiminyaka emihlanu samanje.
Siqhuba isitatimende sithi ngisho nesikhathi sokufaka isicelo sezincwadi zokushayela sizoncipha sisuka ezinsukwini ezingu 26 ziphinde zehle zibe ngu-14 kanti kothi kushaya unyaka ka 2025 kuyobe sekuthatha izinsuku ezingu-10 kuphela.
Ukufaka isicelo sezincwadi zokushayela kuzokwazi ukuthi umuntu athole lokhu okubizwa nge Mobile Drivers Licence ekwazi ukubonakala kuCell phone, lolushintsho kubhekeke ukuthi luqale kuwo lonyaka ka 2023 enyangeni kaNovemba kuya ku 2024. Le Drivers licence entsha izoba nomaka ozobe uyivikela ekutheni kungabi lula nje ukwenza ubugebengu phecelezi, Security features ahlanganisa ibiometric data, holograms, kanye ne-watermarks. Kuphetha isitatimende

