NKOSIE NTOMBELA
UNgqongqoshe uKhumbudzo Ntshavheni kanye nabaholi bamabhizinisi abaningi baxwayise ngokuthi iNingizimu Afrika ingase ibhekane nezinxushunxushu zomphakathi kanye nezibhelu.
UNtshavheni uthe ubugebengu, inkohlakalo, izinga eliphezulu lokucishwa kukagesi nokuntuleka kwemisebenzi kubeka engcupheni ezokuphepha kwezwe.Usho lokhu ngesikhathi ethula isabelomali se-State Security Agency esiShayamthetho Sikazwelonke ngesonto eledlule.
Isexwayiso sakhe sihambisana nabezomnotho nabaholi bamabhizinisi abakhathazekile ngezibhelu zomphakathi ezibangelwa ukwanda kokucishwa kukagesi.
Usihlalo wakwa-Pick ‘n Pay u-Gareth Ackerman uthe yonke imboni yokudla eNingizimu Afrika isengozini ngenxa yokucishwa kukagesi nokungasebenzi kukahulumeni.”Amathuba okuba nezinxushunxushu eziphathelene nokushoda kokudla kanye nokuvalwa kwezitolo okungase kube khona, uma ukucisha kukagesi kuba phezulu kakhulu, ” esho.

