Abezingadi zemiphakathi (Community Food Gardens) bathole ithuba lokudayisa izitshalo zabo kwaShoprite ngosuku lwe Checkers Market Day ngomhlaka 7 Juni 2023. Lapha kuzobe kudayiswa izitshalo eziphuma ezingadini zabalima ezindaweni zasemphakathini abahlala kuyo.
Ngokwesitatimende esikhishelwe abezindaba sithi lokhu kuzobe bekungokokuqala ngqa selokhu kwaqala iMarket Day ngonyaka ka 2017. Kanti nabe Community Food Gardens base Lesotho nabo baebe beyingxenye yale Market Day bedayisela umphakathi bukhoma .
“Siyajabula kakhulu ukuthi uhlelo lwethu lweCheckers Market Day lubonakala lunesasasa elikhulu futhi likhula ngesivinini selokhu lasungulwa”. Kusho uMnu Sanjeev Raghubir, oyi-Sustainability Manager yakwa Shoprite Group.
Ephetha uSanjeev uthe kubona beyi Shoprite kuyajabulisa ukuthi sebekwaze ukuxhasa abalimi bezingadi ngohlelo lokuthi nabo bakwazi ukuziphilisa bazenzele imali ngezithelo zabo abazitshala ezindaweni abahlala kuzona.

