UManqoba Mkhize ongumsunguli we Mumbo Foundation odabuka kwaMaphumulo.
Ngokuhlala utholakala eMlazi Kwa V. Usungule lenhlangano yakhe ngonyaka ka 2019,
ngenhloso yokusiza abafundi kanye nabantu abasha endaweni.
IMumbo Foundation isiza abafundi namalunga omphakathi kanye nentsha
ngokubafundisa Computer Basics nokubaluleka kokwazi ukusebenzisa Computer
njengoba zonke izinto sezenziwa Digital.
“Abafundi esesibancedisile ngama Applications abafundayo njengamanje badlulile ku 10
000 sisebenzisana no Centre for Community Development njengoba kuyinto esikade
sayiqala abaningi bayabuya babonge”. Kuchaza uManqoba.
IMumbo Foundation iphinde ilekelele ngokuba nama Extra Classes isize abafundi
ekwengezeni ulwazi iPhinde isize la abaxakeka khona ezifundweni
“Siphinda senze nama Career Exhibition Program for Grade 9 to 12 kanye nalaba abakwi
Gap Year lapho sisuke si organizer ama Trips sibayisa kulama Companies abathi
bafundela ukusebenza kuwona. Ukuze bezofike babone ukuthi kusetshenzwa kanjan
ukuze bezoba nentshisekelo basebenze kanzima ukulwela ukufezekisa amaphupho
abo”.Eqhuba
UManqoba, uveze ukuthi baphinde basize abafundi ekutheni bakwazi ukukhetha ama
Courses abo ngendlela efanele. Basize futhi ama matric candidates kanye nentsha
ngokubenzisa izicelo zabo zeOnline Applications kuwona wonke ama Universities
abafisa ukuyofunda kuwo.
“Ngifisa abantu bazi ukubaluleka kokwazi ukusebenzisa iComputer ngoba isikhath
sesishintshile manje yonke into isiyenziwa kakhulu Online kusetshenzwa ngeLaptop
noma iDesktop. Ngicela wonke umuntu ongakwazi ukusebenzisa lokhu azihluphe
ngokuthi akwazi ngoba kubalulekile kakhulu”. Kusho uManqoba
Kanti ube esedlulisa umyalezo wokuthi ufisa ukucela uxhaso ngama Computer noma
ngabe ama Computers afile asemadala bazimisele ukuwalungisa ngoba bayakwazi
ukuzilungisela. Siyacela ama Companies anama Computer angasasebenzi abawalahlayo
basinike wona.
Kanye noxhaso lwama Whiteboard. Futhi uthi bayafisa nokuthola uxhaso lwe transport
uma bevakashela izikole ikakhulukazi ezasezindaweni zasemakhaya ngoba ngoba izona
ezintula kakhulu ngolwazi kanye nangezinsiza kufunda.
Kwabafisa ukuxhumana ne Mumbo Foundation iyatholakala Ku Email address :
mumbofoundatiosa@gmail.com
Youtube Channel: https://www.youtube.com/@mumbofoundationsouthafrica6092
Facebook – @Mumbo Foundation_SA
Instagram – @mumbofoundationsa
Tiktok – Mumbo Foundation
Whatsapp & Calls 062 781 0723/ 067 606 7490 / 073 494 9004

