THAMI SHESHANE
Owayengumqeqeshi cishe ophumelele kunabo bonke abake baqeqesha i Bafana Bafana ngemuva kokuyinqobisa isicoco se Afrika ngo 1996 waphinde wayifaka kweyoMhlaba ngo 1998. Lomqeqeshi ufihlwe ngesizotha eThekwini ngomhlaka 14 ngemuva kokwedlula emhlabeni mhla zilishumi kwephezulu ngemuva kokulwa nesifo esaziwa nge LBD.
Lomqeqeshi oke waqeqesha namaqembu amakhulu KwaZulu-Natal afana ne Manning Rangers ne AmaZulu FC ukusho ambalwa, ukhalelwe kakhulu ngabadlali adla ngabo isicoco sase Afrika abebehambele inkonzo yalomngcwabo ebise International Convertion Centre, eThekwini.
“Lona esivalelisa kuyena akuyena nje umqeqeshi, ungumuntu ongubaba kubadlali abaningi bebhola lezinyawo noma abadlali bangaphambili. Ngifuna ukusho nje ukuthi le ndoda ifanelwe okungcono, bekufanele simvume esaphila. Uma kukhona kuleli hholo ongangitshela ukuthi ngubani ofeze okuningi njengoba kwenza uClive akasho khona-ke ngizovuma kodwa okwamanje ngikholelwa kakhulu ukuthi sihlulekile ukumhlonipha njengesizwe..” Kusho u Doctor Khumalo owayeyibamba esiswini kuBafana Bafana.
U Neil Tovey owayengukaputeni naye uhambe emagameni ka Khumalo esho ukuthi u Mnu Barker ubengubaba kubo.
“Lapho siya ekamu imvelo sasiba nenjabulo enkulu kunenjabulo. Ngo-1992 kuya ku-1994 kwakukhona iqembu leBafana elenziwe ngabadlali bekilabhu ebelidlala lilwa lodwa (Kubangwa isicoco seLeague) bese siba nomuntu ofana noClive Barker owayebatshela ukuthi sikhohlwe ngamaqembu ethu manje ngoba ekamu siyiqembu elilodwa nokuyikho okubalulekile”
Indodana ka Barker, u John Baker, imchaze njengeqhawe uYise.
“Sikhulele emphakathini webhola eningizimu yeTheku, kwakuwumlingo futhi kwakumangalisa. Sasiphupha ngelinye ilanga sidlala ibhola eNingizimu Afrika futhi umama ikakhulukazi nguye owenza ukuthi ubaba abe nempumelelo ebholeni.” Kusho u John kwizethameli. Uphinde wabonga kakhulu unina echaza nokuthi beziba khona izingqinamba kodwa umama wabo kwaba nguye obamba umndeni akholelwe naku Clive. Kulenkonzo ebihanjelwe nayizikhulu zebhola laseNingizimu Afrika, u Barker uchazwe njengobaba obenothando nobewuthanda kakhulu umndeni wakhe kanti ushiya ngemuva unkosikazi wakhe, amadodana amabili kanye nabazukulu kanti ungcwatshwe ngohlelo lwesifundazwe ukubungaza ubuqhawe bakhe.
Ufihlwe ngomngcwabo osezingeni likahulumeni uClive Barker

