THAMI SHESHANE
Kushone abantu ababili kwathi abanye abathathu balimala kabi kulandela ukushayisana kwamaloli ngezithuba zo 6 ekuseni ku-N2 ngaseZinkwazi eNorth Coast KwaZulu-Natal. Elinye lamaloli belithwele utshwala kanti ngokusho kwabasebenzi bezimo eziphuthumayo abantu baliphangile (loot) nokudale isiphithiphithi.
Kuthiwa ngesikhathi abahlengi bezempilo behlangula, abantu bebezitapela utshwala elolini.
“Ngeshwa abantu ababili balahlekelwe izimpilo zabo kwathi abanye abathathu babanjwa kakhulu kwathi uMnyango wezomlilo we-KDM k nowoMnyango wezomlilo weMetro basebenze kanzima ukubahlangula.” kusho u Dylan Meyrick we IPSS Medical Rescue.
Ngokusho kwemibiko kuthiwa mathathu amaloli abandanyeke kulengozi. Ngokwemibiko ukushayisana kokuqala kwenzeke ngesikhathi iloli elincane lingenwa ngemuva ngenye yamaloli amakhulu. Iloli elikhulu libe selishelela komunye ugwaqo lashayisana ngelinye elikhulu ngekhanda. Laba ababili abashonile bebehleli ngemuva kuleloli elincane.
Umshayeli weloli elincane uthole imihuzuko bebelashwa endaweni yesigameko nonye obegibele kuye kanti omunye umshayeli uphuthunyiswe esibhedlela.

