U LINDA VILAKAZI ophethe i AZANIA YOUTH IN ACTION ukubeke kwacaca ukuthi i AZANIA akuyona i politiki kodwa inhlangano eyavulelwa abantu abamnyama ukuze behlangane belwele izwe labo.Kuningi okwenzakalayo kulelizwe okuhlangene kanye nokungahlangene nabantu abamnyama. I AZANIA ithi ayiziboni ingena kwezepolitiki ngoba ipolitiki iyona emosha abantu ezweni labo.
Amaqembu ezepolitiki wonke ayefana umehluko izikibha namagama kodwa into abayenzayo iyafana , uthi ucela wonke umuntu omnyama asukume alwele izwe lakhe ngoba no Babam’khulu balilwela lelizwe bezama ukulivikela .Obababa mkhulu bengajabula ukubona abantu abamnyama behlangene ndawonye belwela izwe labo ngoba kuningi okwenzakalayo ezweni okungahlangene nabantu abamnyama.
Izwe lethu seliphethwe abantu bangaphandle kodwa amaqembu epolitiki awenzilutho ngalokho thina siyi AZANIA sifuna ukusiza wonke umuntu omnyama athole injabulo nenkululeko ezweni lakhe .Abantu bangaphandle baphindele emazweni abo ngoba yibo nabo abahlukumeza abantu abamnyama ngisho emisebenzini .
Mina njengomuntu ophethe i Azania ngicela wonke umuntu omnyama ahlanganyele kanye nathi silwele inkululeko yethu ezweni lethu, siphinde sivikele izwelethu kulabo abalisebenzisayo ukuze befeze amaphupho abo kodwa bashiya thina njengabanikazi bezwe sihlupheka. Kumele sihlangane ukuze kubuye okungokwethu okwathathwa abazepolitiki bakunika amazwe angaphandle kodwa lokho kuzokwenzeka uma woke umuntu omnyama ezosukuma alwe kanye nathi
Futhi ngiyazi kuzobanzima kakhulu ngoba kukhona osopolitiki abangafuni kuvele amahlazo ezinto abazenzayo kulelizwe futhi bazozama ngayoyonke indlela ukuthi basivimbe ngiyazi bengafuna siboshwe ,sibulawe noma basithenge ngemali kodwa ngithi mina asingabavumeli bekwenze lokho asihlanganeni ndawonye silwele inkululeko yethu .
Njengoba kuzovotwa ngiyacela umuntu omnyama abuke kahle into eyenzakalayo ezweni lethu siyeke ukuvotela abantu abangasisizi ngalutho kodwa asicabangele umhlaba wethu, nenkululeko yethu, nezwe lethu singakhohlwa ukuthi osopolitiki bonke bayafana bazicabangela bona nemindeni yabo bese thina siyasokola ezweni lethu.
Ngiyazi abaningi bazobuza ukuthi sizokwenza kanjani ukuze sivikele izwe lethu? Siyokwenza lokhu esakwenza kuhulumeni wobandlululo .Asihlanganeni ndawonye silwele okungokwethu .Mina ngiyazibophezela ukuthi ngizohlala nginani futhi ngizokwenza okusemandleni ami ukuthi izwe lethu libuye kithi,siphinde sithole injabulo nenkululeko ezweni lethu . Kusho uLinda Vilakazi okuyena ophethe inhlangano ye AZANIA YOUTH IN ACTION.