Kukhuthazwe abafundi ekusebenziseni uMtapo woLwazi eMnini Thusong Centre Library

NKOSIE NTOMBELA
Inhlangano engenzi nzuzo ebizwa nge Miet Africa ibambisene ne Zennex mebenze uhlelo lokuqeqesha nokucija abafundi ngendlela yokusebenzisa umtapo wolwazi eMnini Thusong Centre Library ngomhlaka 01 Septhemba 2023.
Ekhuluma neNtatheli ye KZN Namuhla  Newspaper uNksz Zinhle Khoza  onwegamele ezokuqeqesha  kwinhlangano unabe kabanzi wathi”Loluhlelo siluqale kahle futhi lunazo izithelo ngoba kuyabonakala abafundi bayajwayela ukufunda nokuqondisisa indlela zokuzicija ekwazini ukusebenzisa ulimi nokubhala , okunye okumqoka ukuthi sibambisene nomnyango wezemfundo kuMlazi District okuyiwo osinike izikole ezilishumi okubalwa kuzo lezi uMcothoyi High School kanye noMnganiwakhe High School esinabo namhlanje kulohlelo lokufundisana ngezindlela zokusebenza komtapo wolwazi okungabafundi abenza ibanga lesi 9 (Grade 9) futhi sibonga noMkhandlu weTheku  kakhulu kumnyango wezomtapo wolwazi ekusisekeleni siyinhlangano engenzi inzuzo ekusizeni ekwenzeni izinhlelo ezingalezi sibonga kakhulu noThishomkhulu bezikole  esinokubambisana okuhle nabo ekusizeni ekwakheni ikusasa elihle lomuntu omnyama yize noma uhlelo lwethu luneminyaka emibili ” kuphetha uNksz Zinhle Khoza.
Okuhlalukile lolu hlelo luthela izithelo ezinhle ngenxa yezinga eliphezulu lwemitapo yolwazi engaphansi koMkhandlu weTheku onalo lonke uhla lwezinsiza kufunda.Lohlelo lokufunda melusingathwe  othisha bezikole uMcothoyi High School  uMnganiwakhe High School kanye nama Learners Support Agent “LSA”.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *