NKOSIE NTOMBELA
Kume nse ukusebenza edolobheni eMgungundlovu kutheleka amabutho esizwe sakwa Mpumuza ezoseka iNkosi Khethokuhle Zondi ngomhlaka 04 September 2023.
Enkulumeni yayo Inkosi uZondi ekhuluma neNtatheli yephephandaba iKZN Namuhla ntambama unabe kabanzi ngokukhathazeka kwakhe ngalesimo secala eliphinde langahlala namuhla.
“Lelicala selisiphazamise kakhulu kangangoba kuzoma nezinye izinhlelo isizwe esihlela ukuzenza kulenyanga okungiphatha kabuhlungu ukuthi samubhalela ummangali simcela asuke esikhundleni sibona indlela ayesephethe ngayo eyinduna saphinde sawubhalela noCogta okuyincwadi esinazo emabhukwini kodwa kuze kube imanje umnyango awusiphenduli mayelana naloludaba kunzima esizweni njengoba leyomhlaba ingaxazululeki sikhathazekile siyisizwe sakwa Mpumuza okunye loludaba aluthinti inhlangano yezepolitiki kodwa kuyizimo nje ezibhekene nazo ebukhosini esithembayo luzolunga ngomthetho esibekelwe wona eNingizimu Africa ” kuphetha iNkosi uZondi.
Khona manjalo owengamele ezokuxhumama ebukhosini bakwa Mpumuza uNkosenhle Zondi uthe sebezobheka isinqumo senkantolo njengoba lingazange lihlale icala lifike lahlehla kwase kuphakanyiswa ukuthi lizoqulwa ngomhlaka 05 October 2023 esethembayo ubulungiswa kuloludaba buzovela.iNkosi Khayelihle Zondi ibivele eNkantolo yesifunda emva kokumangalelwa uMnu Zwelinjani Magubane owabe eyinduma eyaxoshwa ngezinsolo zokudayisa umhlaba ngokungemthetho kwaMpumuza.

