NKOSIE NTOMBELA
Ukunqamuka kukagesi ngenxa yokuwonga okuwuhlelo lwa Eskom olubizwa nge “loadshedding ” sekuvule nethuba lezigilamkhuba eMgababa.
Izigceme eziphazamisekile ukwebiwa kwesiphehlimandla I Ifracombe ,Area One,Area 38 Kanye ne Ultra City SouthBound kuze kuyoshaya Karridene okuyizindawo esekuyizinsuku ezisihlanu zicimelwe ugesi ngenxa yokumbiwa kwentambo ephakela lomphakathi esekuyisehlo sesibili lapho intambo imbiwa ikhishwe izigilamkhuba okusolakala ukuthi ziya koyidayisa.
Ngokusho kwabaqaphi abasebenza eduze nalakwebiwe khona intambo ephaka ugesi bathi babona abantu besilisa behlomile bazama ukushaya umkhosi becela usizo bangaluthola phakathi kwamabili bahluleka ukubadunga ngenxa yokusabela impilo zabo njengoba kuyizigebengu ezinobungozi ezeba izintambo eziphehla ugesi okungabantu abakhuluma nolimu olangazwakali okusolisa engathi abokufika kuleli kusho umqaphi osebenza eduze kwalapho kwebiwe khona intambo ongathandanga nokuthi sidalule igama lakhe.
Khonamanjalo obhekele I Ward 98 ngaphansi kwekomoti lukagesi uMnu Gumede unxuse umphakathi ukuthi usize ekugadeni ingqalasizinda njengoba kulahleka impahla kuphazamiseka nenhlalakahle yabantu kakhulukazi lokwebiwa kukagesi kuyabaphazamisa kodwa bazolusukumela lodaba ukuze kunqandwe nabenzi bobubi endaweni.


