INomagugu Production inikele ngezicathulo zesikole
Ngomhlaka 12 August 2023 Nomagugu Productions ezinze eLovu kade inikeza izingane izicathulo 88 pair kwakuthathwe ezikoleni eziku ward 109 ophethwe ikhansela Menzi Manqele nokuyigxenye yokubuyisela emphakathini. Nomagugu Productions iyinhlangano engenzi nzuzo esiza kakhulu umphakathi ngezinto eziningi. Yenza soup kitchen for izingane ezingathathi ntweni. Ngezikhathi zizikhukhula yayiseMgababa iyosiza labo babethintekile kuzo behlala garage sasibaphathele ukudla nezimpahla zokugqoka. Igqugquzela ukufunda nokubhala futhi iyashicilele (publishing). Ngokunikela kwethu emphakathini sicela noma ngubani ongakwazi ukufaka isandla asilekelele kungaba imali, ukudla, izingubo kanye nama computer ngoba sifundisa ukubhala ngawo nangenhloso yokuhlomisa intsha yakithi ngezobuchwepheshe

