IWushwini Pan African Centre izobe ibambe iBotho Heritage Internationa Festival

Kusuka ku 27 kuya ku 30 kuMandulo le ndawo yobuciko izoba ne 10th Annual Botho Heritage International Festival, lapho ababukeli bayobe bethakasele ingoma egcwele umculo , umdanso , izinkondlo , imidlalo yesintu , yaseshashalazini , amafilimu , ukudla , imfashini , izinkundla zokucobelelana ngolwazi nezingqungquthela.

IWushwini Pan African Centre for Arts Culture and Heritage yasungulwa ngo-2011 nguMnu  uJerry Pooe kwathi ngoSepthemba 2017 yethulwa ngokusemthethweni ngowayenguSihlalo we-AU uDkt Nkosazana Dlamini Zuma, njengePan African Centre eyakha inkundla yokuhlola ubuciko bePan-African kanye nokubungazwa kwaMagugu ase-Afrika njengesisusa soguquko emphakathini.

Igama elithi Botho, isisho ngolimi lwesiSuthu esihlanganisa amagugu oBuntu, yakha isisekelo somkhosi wethu. Sihlose ukukhuthaza isiko lama-Afrika, hhayi eNingizimu Afrika kuphela kodwa kulo lonke izwekazi. 

Njengoba isendaweni enhle yezintaba ezicwebezelayo zaKwaNgcolosi, iBotho Heritage International Festival idlala inqwaba yamaciko akhanyisa intando yeningi nezwekazi lethu.

Ngokusebenzisana namaciko Amazwe Ngamazwe, kazwelonke, kanye nasendaweni, lo mgubho usebenza njengenkundla enezigaba eziningi zokudingida izitayela namathuba emkhakheni wezobuciko. Simema ngokufudumele abameleli abavela kubagqugquzeli abakhulu kwezobuciko ukuthi babambe iqhaza, bahlole inqubekelaphambili nezithiyo ezimisiwe. Ungena ngo R50 kuphela, Ungaphuthelwa!

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *