UNondindwa ezenhlinabeyiphuza ubonga abantu abahambele umcimbi wakhe eMandeni

“Ubunye Art Festival umcimbi waminyaka yonke lapho khona esisuke siveza ilaka nenjabulo yemizwa yethu ngesiyikhona ngokweziphiwo zethu esaziphiwa emazulwini. Ngakho ngidlulisa ukubonga kakhulu Kubo bonke abantu ebebehambele ubunye Art Festival ngomhlaka 23 September 2023”. Ngokusho kukaNondindwa umculi kaMaskandi.

Eqhuba uNondindwa, ubonga kakhulu abantu ababekhona indlela abaziphatha ngayo kwaze kwaphela umdlalo uthi. “ kwande sizwe sakithi nangendlela enaniphume ngayo nje ng’yabonga kakhulu nangomuso niphinde nikwenze sizwe sakithi,naphinda futhi nawanika I support onke amaqembu ayeshiyelana inkundla uNkulunkulu angigcinele Nina.

Uthi  nakubaculi weswele umlomo oyizinkulungwane wokubabonga ngendlela enza ngayo lapho engakhokhelwelwe ngisho isenti kodwa akwenaza ngokusuka ekujuleni kwenhliziyo yawo akhombisa ukumeseka kakhulu kwakwenzayo, akhombisa ukuthi lento ingeyawo akuyona eyakhe.

“ngibonge inhlonipho enkulu enaninayo naphinda nangena estage nazidayisa kubantu nasho nathi abangene Kuma online store bethole umculo wenu nasho Nama page, YouTube channel enu naphinda nabonga ku Nondindwa.abanye bafona nangakusasa nje bafowethu ngiyathoba kunina ningamaqhawe akulelizwe yini izinqalabutho.siyonqoba ngakho ukuba yimbumba.

Ngibonga nako MC Bami bonke ngokusebenza ngokubambisana nano stage mananger. imvamisa bayaxabana o MC kodwa kunina kwakuvunguza umoya wenjabulo nothando.nawuphusha kahle futhi nomcimbi Waze wayophela nimema abantu ng’yabonga kakhulu nje kubantu abangelekelela emdlalweni ebenginawo ngesabatha ngiphelelwa amagama.

Ubunye Art Festival yi Event engenabo abaxhasi ngicela abantu abangaba nawo Amandla basondele nomasipala wakithi eMandeni ngifisa sengathi ungakubona ubuhle engibenza endaweni yakithi welekelele ngelinye ilanga kungasewona wodwa nakwezinye nje izindawo”. Kuphetha uNondindwa.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *